Skip to Content

KwabaseFilipi Chapter 3

1 Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina. 2 Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye abokusika. 3 Ngokuba singukusoka thina e sikhonza ngoMoya kaNkulunkulu , sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni, 4 nakuba nami bengingaba nokwethemba enyameni . Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokwethemba enyameni, mina kakhulu; 5 ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili ngingowohlanga luka -Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu, ngokomthetho umFarisi; 6 ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo. Ukulunga okukuKristu kuyinzuzo 7 Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. 8 Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami , engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe , ngikushaya izibi , ukuze ngizuze uKristu, 9 ngifunyanwe kuyena , ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho ko dwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu , ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, 10 ukuze ngimazi yena , namandla okuvuka kwakhe , nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe, 11 uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo, 12 kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe , kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu. 13 Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile ; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, 14 ngijonge emgomeni , emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu. UPawulu ubaluleka ngokumlandela yena 15 Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona, 16 kuphela ukuthi kwesesifinyelele kukho, sihambe ngawo lowo mkhondo. 17 Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini. 18 Ngokuba abaningi , enganitshela kaningi ngabo nam anje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu, 19 abakuphela kwabo ngukubhujiswa , abankulunkulu wabo yisisu , nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba. 20 Kepha thina singabombuso wasezulwini , lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu, 21 oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa , ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.