Skip to Content

"icebo"

32 occurrences in ZUL

Kwathi izitha zethu sezizwile ukuthi kwazeke kithi nokuthi uNkulunkulu wayeshafisile icebo labo , sabuyela sonke ogangeni , kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe.

Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo ; icebo lababi malibe kude nami.

Ngiyazi ukuthi ungenza konke; alinakuvinjwa icebo lakho.

Icebo lohluphekileyo niyalijabhisa, kepha uJehova uyisiphephelo sakhe.

Makakunike njengokwenhliziyo yakho, afeze icebo lakho lonke.

Ngokuba babehlosa okubi, baceba icebo; kepha bayahluleka.

Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaning i ngokwesabisayo nxazonke ; besenza icebo ngami bahlosa ukubulala umphefumulo wami.

UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu.

Icebo likaJehova limi phakade , nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe, bathanda amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela

Baqinela icebo elibi ; bakhuluma ngokufi hla izingibe ; bathi: Ngubani oyakusibona na?

Basongoza izenzo ezimbi , bathi: Siliqedile icebo elisongoziweyo , izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.

Izwe lakwaJuda liyakuba yingebhe yeGibithe ; njalo lapho likhunjuzwa ngalo, liyakwesaba icebo uJehova Sebawoti alicebe ngalo.

engimemezela ngaphambili okuyakuza , nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami,

Manje yisho kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema , uthi: Usho kanje uJehova , uthi: Bhekani, nginibumbela okubi , ngiceba icebo ngani ; buyani, kube yil owo nalowo endleleni yakhe embi , nizenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.

Lolani imicibisholo , nibambe izihlangu . UJehova uvusile umoya wamakhosi aseMediya, ngokuba icebo lakhe ngeBabele lingukuba alichithe , ngokuba lokhu kuyimpindiselo kaJehova, impindiselo ngethempeli lakhe.

Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale;

Benza icebo , bathenga ngayo insimu yombumbi , ibe ngeyokumbela abafokazi.

Sebebuthene namalunga benza icebo, banika amabutho imali eningi,

Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo , bambopha uJesu , bamqhuba, bamnikela kuPilatu.

Kepha abaFarisi nezazimthetho balenza ize icebo likaNkulunkulu maqondana nabo bengabhapathizwanga nguye.

yona yayingavumanga icebo nesenzo sabo -- eyase-Arimatheya umuzi wabaJuda, eyayibheke umbuso kaNkulunkulu;

Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru,

Sekudlule izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale.

Kepha icebo labo laziwa nguSawulu. Babemhlalela nasemasangweni imini nobusuku ukuba bambulale.

Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.

wahlala khona izinyanga ezintathu ; abaJuda sebenzile icebo ngaye esezakumuka ngomkhumbi ukuya eSiriya , wazimisela ukubuyela emuva edabula iMakedoniya.

Ngokuba angigwemanga ukunitshela lonke icebo likaNkulunkulu.

Ngobusuku obu landelayo iNkosi yema ngakuye , yathi: Yima isibindi ; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema , ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma. Icebo labaJuda lokumbulala uPawulu

Sekudaluliwe kimi ukuthi kukhona icebo ngaleyo ndoda , ngase ngiyithumela kuwe masinyane , ngibayalile nabayimangalelayo ukuba bakhulume ngayo phambi kwakho.

ngokuba bengakazalwa, bengakenzi okuhle nokubi , ukuze icebo likaNkulunkulu eliya ngokukhetha lime,

owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcw ele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa , esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,