AmaHubo Chapter 14
1
Isiwula sithi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo; akakho owenza okuhle.
2
UJehova uyabuka esezulwin i abantwana babant u ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna uNkulunkulu.
3
Baphambukile bonke , bonakele bonke ; akakho owenza okuhle , akakho noyedwa.
4
Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi , abadla abantu bami, njengokuba bedla isinkwa, bangakhuleki kuJehova, na?
5
Khona besaba nokwesaba , ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo.
6
Icebo lohluphekileyo niyalijabhisa, kepha uJehova uyisiphephelo sakhe.
7
Sengathi ukusindiswa kuka -Israyeli kungavela eSiyoni . Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabant u bakh e uJakobe uyakwethaba , u-Israyeli ajabule.