AmaHubo Chapter 21
1
Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho ; iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.
2
Uyinikile njengokwenhliziyo yayo, nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga. Sela
3
Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle ; wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.
4
Yacela ukuphila kuwe, wayinika khona, izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.
5
Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho ; udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.
6
Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade ; uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.
7
Ngokuba inkosi iyethemba uJehova , nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.
8
Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho ; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.
9
Uyakubenza babe njengesithando somlilo , nxa ubonakalisa ubuso bakho ; uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe, umlilo uyakubaqeda.
10
Isithelo sabo uyakusichitha emhlaben i kanye nenzalo yabo phakathi kwabantwana babantu.
11
Ngokuba babehlosa okubi, baceba icebo; kepha bayahluleka.
12
Ngokuba uyakubafulathelisa ; ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo.
13
Mawuphakame, Jehova, emandleni akho ; thina siyakuhlabelela , sidumise amandla akho.