Skip to Content

"okuyakuba"

14 occurrences in ZUL

Lokhu okukhona yikho ok wakukhona, nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona; uNkulunkulu ufuna okudlulileyo. Umuntu ufana nezilwane

Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?

bathi kubo : Ningabangenisi abathunjwa lapha , ngokuba nicabanga okuyakuba yicala lethu kuJehova ukuba kwenezele ezonweni zethu nasecaleni lethu, ngokuba icala lethu selilikhulu namanje ; ulaka olushisayo luphezu kuka-Israyeli.

lokhu engazi okuyakuba khona , ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi kuyakuba kanjani na?

Isiwula siyandisa amazwi, nokho umuntu akazi okuyakuba khona; nalokho okuyakuba ngasemva kwakhe, ngubani ongamtshela lokho na?

Yabela abayisikhombisa nabayisishiyagalombili , ngokuba awukwazi okubi okuyakuba semhlabeni.

Abakudingayo, amaduna, nezinqama, namawundlu okuyakuba yiminikelo yokushiswa kuNkulunkulu wezulu , kanye nokolweni , nosawoti, newayini, namafutha, njengezwi labapristi abaseJerusalema , mabanikwe khona imihla ngemihla kungaphuthi

Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona , nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa; akukho okusha phansi kwelanga.

Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?

Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo ; wazisile inkosi uNebukadinesari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:

Wena-ke, nkosi, imicabango yakho yokuyakuba khona emva kwalokhu yafika kuwe usembhedeni wakho ; owambula izimfihlakalo ukwazisile okuyakuba khona.

Njengalokho wabona itshe ukuthi laqheshulwa entabeni kungengazandla , nokuthi lachoboza insimbi , nethusi, nebumba, nesiliva, negolide, uNkulunkulu omkhulu uyazisil e inkosi okuyakuba khona emva kwalokhu ; iphupho liqinisile, nencazo yalo iyiqiniso.

Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwe neJerusalema : inyama yab o iyakudleka besemi ngezinyawo zabo , namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo , ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.

Kuyakuba njalo ukushaywa kwamahhashi , neminyuzi, namakamela nezimbongolo, nazo zonke izilwane , okuyakuba khona kulawo makamu , njengalokho kushaywa.