UmShumayeli Chapter 3
1
Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.
2
Kukhona isikhathi sokuzalw a nesikhathi sokufa , isikhathi sokutshal a nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo;
3
isikhathi s okubulala nesikhathi sokuphilisa, isikhathi sokudiliza nesikhathi sokwakha;
4
isikhathi sokukhal a nesikhathi sokuhleka , isikhathi sokulil a nesikhathi sokusina;
5
isikhathi sokuphonsa amatsh e nesikhathi sokuqoqa amatshe , isikhathi sokugona nesikhathi sokungagoni;
6
isikhathi sokufuna nesikhathi sokulahlekelwa, isikhathi sokugcina nesikhathi sokuhlahla;
7
isikhathi sokuklebhula nesikhathi sokuthunga, isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma;
8
isikhathi sokuthand a nesikhathi sokuzonda , isikhathi sokulwa nesikhathi sokuzola.
9
Unanzuzoni osebenzayo ngalokho akushikashikayo na?
10
Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.
11
Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho , ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo ; nokho umuntu ange fumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.
12
Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze , bazenzele okumnandi besekhona.
13
Kepha futhi ukuba abantu bonke badle , baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.
14
Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho , futhi akukho okungasuswa kukho . UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.
15
Lokhu okukhona yikho ok wakukhona, nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona; uNkulunkulu ufuna okudlulileyo. Umuntu ufana nezilwane
16
Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.
17
Ngase ngithi enhliziyweni yami: UNkulunkulu uyakwahlulela nolungileyo nomubi, ngokuba kukhona lapha isikhathi sezindaba zonk e nesemisebenzi yonke.
18
Ngathi enhliziyweni yami : Kungenxa yamadodana abantu ukuze uNkulunkulu awavivinye, wona azibonele ukuthi anjengezilwane nje.
19
Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane , into inye ikwehlela kokubili : njengalokhu kufa lokho , kuyafa nalokhu ; kunomphefumulo munye , umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.
20
Konke kuya endaweni inye ; konke kuvela othulini , konke kubuyela othulini.
21
Ngubani owaziyo ukuthi umoya wamadodana abantu ukhuphukela phezulu, nomoya wezilwane ukuthi wehlela phansi emhlabathini, na?
22
Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?