Skip to Content

UmShumayeli Chapter 4

1 Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga ; bheka izinyembezi zabacindezelwayo ; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi. 2 Ngase ngibusisa abafileyo asebafa kunabaphilayo abasekhona, 3 kepha badlulwa bobabili nguye ongakabikho , ongabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga. 4 Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngek hono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe . Nalokho kuyize nokufuna umoya. 5 Isiwula siyasonga izandla zaso, sidle umzimba waso. 6 Kungcono ukhweshe lokuthul a kunezandla zombili zigcwele umshikashik a kanye nokufuna umoya. 7 Ngase ngibuye ngabona okunye okuyize phansi kwelanga: 8 Kukhona oyedwa , kanaye owesibili , yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na? Nalokho kuyize nenhlupheko embi. 9 Kungcono ababili kunoyedwa , ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo. 10 Ngokuba uma bewa , omunye uyavusa umngane wakhe ; kepha maye kuye oyedwa lapho ewa, engenawesibili wokumvusa! 11 Futhi uma ababili belele ndawonye , banokufudumala, kepha oyedwa angafudumala kanjani na? 12 Nakuba umuntu ahlula oyedwa , ababili bayakuma phambi kwakhe , nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka. 13 Kungcono umfana ompofu ohlakaniphileyo kunenkosi egugileyo eyisiwula , engasakwazi ukuxwayiswa, 14 ngokuba waphuma etilongweni ukuba abe yinkosi , yebo, wazalwa embusweni wayo empofu. 15 Ngabona bonke abaphilayo ababehamba phansi kwelanga bekanye nalowo mfana obeyakuma esikhundleni sakhe; 16 kwakungekho ukuphela kwabantu bonke , bonke ayephambi kwabo ; nokho abafika emuva abayikuthokoza ngaye . Impela nalokho kuyize nokufuna umoya.