UmShumayeli Chapter 5
1
Gcina unyawo lwakho , lapho uya endlini kaNkulunkulu , ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula , ngokuba azazi ukuthi zenza okubi.
2
Ungabi namawala ngomlomo wakho , nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini , wena usemhlabeni; ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana.
3
Ngokuba iphupho livel a ngemisebenzi emining i nephimbo lesiwula ngobuningi bamazwi.
4
Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza , ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo.
5
Kungcono ukuba ungenzi isithembiso kunokuba uthembisa ungafezi.
6
Ungavumeli umlomo wakho uku ba wonise inyama yakho , futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha ; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho , achithe umsebenzi wezandla zakho , na?
7
Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi, kukhona nokuyize namazwi amaningi, kepha wena yesaba uNkulunkulu.
8
Uma ubona u kudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni , ungamangali ngakho , ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.
9
Inkosi esebenzela amasimu iyinsizakalo yezwe kukho konke.
10
Othanda imali akayikusutha ngemali , nothanda okuningi akaneliswa yizithelo; nalokho kuyize.
11
Lapho okuhle kwanda , nabakudlayo bayanda ; kulusizo luni kumninikh o ngaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na?
12
Ubuthongo besisebenzi bumnandi , noma sidla okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha kocebileyo akumvumeli ukuba alale.
13
Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga : ingcebo egcinelwe umniniyo ukuba imlimaze;
14
futhi uma ingcebo ichithw a ngengozi embi , indodana ayizaliley o ayinalutho esandleni sayo.
15
Njengalokho aphuma esizalweni sikanina , uyakubuye amuke , ahambe ze njengasekufikeni kwakhe , engatholi lutho ngomshikashika wakhe , ahambe nalo esandleni sakhe.
16
Nalokho kungububi obudabukisay o ukuthi uyamuka kukho konk e njengokufika kwakhe; unanzuzoni ukuthi ushikashikele umoya na?
17
Yebo, zonke izinsuku zakh e zisebumnyameni nasosizini , nasekukhathazekeni okuningi, nasekuguleni, nasekuthukutheleni.
18
Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.
19
Futhi bonke abantu uNkulunkulu abaphe ingcebo nemfuyo , abanike futhi namandla okud la kukho ukuba bathathe izabelo zabo , bathokoze ngomshikashika wabo lokho kuyisipho sikaNkulunkulu.
20
Ngokuba akakhumbuli kakhulu izinsuku zokuphila kwakhe , lokhu uNkulunkulu emnika intokozo enhliziyweni yakhe.