Skip to Content

UmShumayeli Chapter 6

1 Kukhona ububi engibubonile pha nsi kwelanga ukuthi bunzima phezu kwabantu: 2 umuntu uNkulunkulu amnika ingcebo , nemfuyo, nodumo, aze angasweli lutho lomphefumulo wakhe kukho konke akufisayo , uNkulunkulu angamniki nokho amandla okudla kukho, kepha kudliwa ngumfokazi ; lokho kuyize , kuyisifo esibi. 3 Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe , kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa , ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye, 4 ngokuba kufika ngeze , kumuke eb umnyameni, igama lakho lisitshekelwa ngubumnyama. 5 Nelanga akulibonanga, akwazi lutho; khona kunokuphumula kunaye. 6 Yebo, noma ephila iminyaka eyinkulungwane ephindwa kabili , engaboni okuhle, abayi bonke endaweni inye na? 7 Wonke umshikashika womuntu wenze lwa umlomo wakhe , nokho iphango alaneliswa. 8 Ngokuba ohlakaniphileyo udluleleni isiwula , nompofu okwazi ukuhamba phambi kwabaphilileyo unantoni na? 9 Kungcono ukubona kwamehlo kunokuzulazula kwesifiso ; nalokhu kuyize nokufuna umoya. 10 Okukhona kwake kwabi zwa ngegama ; kwaziwa ukuthi umuntu uyakuba yini; akanakwahlulelana nonamandla kunaye. 11 Lokhu kukhona amazwi amaningi akwandisa okuyize, umuntu unanzuzoni na? 12 Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?