Skip to Content

UmShumayeli Chapter 7

1 Igama elihle lingcono kunamafutha amahle , nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa. 2 Kungcono ukuya endlini yokulil a kunokuya endlini yedili , ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke; nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe. 3 Usizi lungcono kunokuhleka , ngokuba ngokudabuka kobus o inhliziyo yenzelwa okuhle. 4 Inhliziyo yabahlakanip hileyo isendlini yokulila , kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo. 5 Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphiley o kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula. 6 Njengokucacamba kwezintathawe eziphansi kwekhanzi , kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize. 7 Impela ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo , nokuthengwa ngomvuzo kuchitha ingqondo. 8 Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo ; onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo. 9 Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula. 10 Ungasho ukuthi : Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqal a zazizinhle kunalezi na? Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha. 11 Ukuhlakanipha kuhle njengefa, yebo, kunenzuzo kwabalibonayo ilanga, 12 ngokuba kusemthunzini wokuhlakaniph a njengasemthunzini wemali , kepha inzuzo yokwaz i ingeyokuba ukuhlakaniph a kulondoloza ukuphila kwalowo onakho. 13 Bona umsebenzi kaNkulunkulu , ngokuba ngubani ongelula lokho akugobileyo na? 14 Yenama ngosuku lwenhlanhla , kepha ngosuku olubi qonda ukuth i nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo , ukuze umuntu angafumani luth o oluyakuba khona emva kwakhe. 15 Konke ngikubonile emihleni yami eyize : kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe , kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe. 16 Ungabi ngolungileyo ngokudluleleyo, ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu ; uzichithelani na? 17 Ungabi mubi ngokudluleleyo, ungabi yisiwula ; uyakufelani kungakabi yisikhathi na? 18 kuhle ukuba ubambelele kulokhu , yebo, ungabuyisi isandla sakho nakulokho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyakuphumelela kukho konke. 19 Ukuhlakanipha kumenza ohlakaniphileyo ukuba abe namandla kunababusi abayishumi abasemzini. 20 Ngokuba akukho muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni. 21 Ungabeki inhliziyo yakho emazwini onke akhulunywayo, funa uzwe inceku yakho ikuthuka, 22 ngokuba kaninginingi inhliziyo yakh o iyazi ukuba nawe ubathukile abanye. 23 Konke lokho ngikuvivinyile ngokuhlakanipha , ngathi: Ngiyakuhlakanipha, Kepha kwakusala kude nami. 24 Okude nokujulile kakhulu, ngubani ongakufumana na? 25 Ngase ngiphenduka ukuba inhliziyo yami yazi , ihlole, ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindab a ukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula , nobuwula ukuthi bungubuhlanya. 26 Ngase ngifumana okubaba kunokufa : owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namane tha, nezandla zakhe ziyizibopho ; omuhle phambi kukaNkulunkulu uyakuphunyuka kuye, kepha isoni siyakubanjwa nguye. 27 Bheka, nakhu engikufumene, uthi uMshumayeli: Ngibeka okunye kokunye ukuba ngithole indikimba yezindaba, 28 nokusafunwa ngumphefumulo wami , ngingakakufumani kodwa : indoda inye phakathi kwenkulungwane ngiyifumene , kepha owesifazane phakathi kwabo bonke labo angimfumananga. 29 Bheka, lokhu kuphela ngikufumene ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waba qotho, kepha bona bafunile amacebo amaningi.