U-Ezra Chapter 6
1
Khona uDariyu wakhi pha isimemezelo , kwacingwa endlini yezincwadi , lapho ingcebo yayibekelelwa khona eBabele.
2
Kwafunyanwa e -Akimetha endlini yamakhosi esezweni laseMediya umqulu okwakulotshwe kuwo isikhumbuzo sokuthi:
3
Ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi , uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuthi : Ngendlu kaNkulunkulu eseJerusalema , indlu mayakhiwe endaweni lapho benik elela khona ngemihlatshelo , zibekwe izisekelo zayo , ziqine, ukuphakama kwayo kube yizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi bayo bube yizingalo ezingamashumi ayisithupha;
4
ayibe nezinhla ezintathu zamatshe amakhulu , nohla lwemithi emisha , izindleko zikhishwe endlini yenkosi;
5
futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu , uNebukadinesari azikhipha ethempelini eliseJerusalema waziyisa eBabele , mazibuyiswe, ziyiswe ethempelini eliseJerusalema , kube yileso naleso endaweni yaso , zibekwe endlini kaNkulunkulu.
6
Ngalokho, Thathenayi, mbusi phesheya koMfula , nawe Shethari Bozenayi nabangane benu ama -Afarisaki abangaph esheya koMfula , manibe kude nalapho;
7
wuyekeni umsebenzi waleyo ndlu kaNkulunkulu ; umbusi wabaJuda namalunga abaJuda mabakhe le ndlu kaNkulunkulu endaweni yayo.
8
Futhi ngikhipha isimemezelo ngeniyakukwenza kulawo malunga abaJuda ukuba kwakhiwe leyo ndlu kaNkulunkulu : labo bantu mabanikwe kakhulu izindleko empahleni yenkosi , intela yaphesheya koMfula , ukuba bangathiywa.
9
Abakudingayo, amaduna, nezinqama, namawundlu okuyakuba yiminikelo yokushiswa kuNkulunkulu wezulu , kanye nokolweni , nosawoti, newayini, namafutha, njengezwi labapristi abaseJerusalema , mabanikwe khona imihla ngemihla kungaphuthi
10
ukuba banikele ngemihlatshelo yephunga elimnandi kuNkulunkulu wezulu, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.
11
Futhi ngikhiphe isimemezelo sokuthi yilowo nalowo oguqula leli zwi , makukhishwe umuthi endlini yakhe , aphakanyiswe, abethelwe kuwo , indlu yakhe yenziwe ibe yiquba ngenxa yalokho,
12
uNkulunkulu ohlalise khona igama lakhe awise phansi onke amakhosi nabantu abayakwelula izandla zabo ukuba baguqule lokho , bachithe le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema . Mina Dariyu ngikhiphe isimemezelo ; masenziwe ngaso sonke isineke.
13
Khona uThathenayi umb usi waphesheya koMfula , noShethari Bozenayi , nabangane babo benza kanjalo ngesineke sonke , ngokuba uDariyu inkosi wayethumele.
14
Amalunga abaJuda ayesakha , aba nempumelelo ngokuprofetha kukaHagayi umprofethi noZakariya indodana ka -Ido. Akha, aqeda njengokwesiyalezo sikaNkulunkulu ka -Israyeli, nanjengokwesiyalezo sikaKoresi, noDariyu, no-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya.
15
Yaqedwa leyo ndlu ngosuku lwesithathu lwenyanga ka -Adari ngomnyaka wesithupha wokubusa kukaDariyu inkosi.
16
Abantwana bakwa -Israyeli, abapristi namaLevi nabanye abathunjwa , bagcina ukuhlanjululwa kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngokuthokoza.
17
Banikela ekuhlanjululweni kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngezinkunzi eziyikhulu, nangezinqama ezingamakhulu amabili , nangamawundlu angamakhulu amane, kanye nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ngo-Israyeli wonke njengokomumo wezizwe zakwa-Israyeli.
18
Bamisa abapristi ngamaqembu abo namaLevi ngezigaba zawo ukuba baphathe inkonzo kaNkulunkulu eseJerusalema njengokulotshiweyo encwadini kaMose.
19
Abathunjwa bagcina iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala.
20
Ngokuba abapristi namaLevi babezihlambululile kanyekanye ; bonke babehlambulukile; bahlabela bonke abathunjwa iphasika , nabafowabo abapristi, bazihlabela nabo uqobo lwabo.
21
Abantwana ba kwa-Israyeli ababebuyile ekuthunjweni , nabo bonke ababezahlukanisele kubo nokungcola kwabezizwe balelo zwe ukuba bafune uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli badla;
22
bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wayebathokozisile, waguqulela inhliziyo yenkosi yase-Asiriya kubo ukuba kuqiniswe izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.