Skip to Content

UmShumayeli Chapter 1

1 Amazwi oMshumayeli indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. 2 Ize leze, usho uMshumayeli, ize leze, konke kuyize. 3 Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakh e awushikashikayo phansi kwelanga na? 4 Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza, kepha umhlaba umi phakade. 5 Ilanga liyaphuma, ilanga liyashona , lishesha ukuya endaweni yalo lapho liphuma khona. 6 Umoya uya ngaseningizimu , uzungeze, uye ngasenyakatho; uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo, nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela. 7 Yonke imifula iyangena elwandle , kepha ulwandle alugcwali; endaweni eya kuyo imifula, ibuye iye khona njalo. 8 Zonke izinto ziyakhandleka, akakho ongakuphimisa; iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa. 9 Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona , nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa; akukho okusha phansi kwelanga. 10 Kukhona yini into okuthiwa ngayo : Bheka, intsha le . Yayikhona nasemandulo ayengaphambi kwethu. 11 Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile , nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabo phakathi kwabalandela bona. Nokufuna ukuhlakanipha kuyize 12 Mina Mshumayeli ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema. 13 Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu ; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike. 14 Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga ; bheka, konke kuyize nokufuna umoya. 15 Okuyisigwegwe akunakuqondiswa, nokungekho akunakubalwa. 16 Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu , ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema , yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi. 17 Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya. 18 Ngokuba ekuhlakanipheni o kuningi kukhona ukukhathazeka okuningi ; owandisa ukwazi wandisa usizi.