Skip to Content

"kwezulu"

34 occurrences in ZUL

UNkulunkulu wathi : Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye , kubonakale umhlabathi owomileyo, kwaba njalo.

Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu.

Mina, bheka, mina ngizakuzisa uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu ; konke okusemhlabeni kuzakufa.

Amanzi andisisa impela emhlabeni ; zasitshekelwa zonke izi ntaba eziphakemeyo eziphansi kwezulu lonke.

UJehova wathi kuMose : Kulobe lokhu kube yisikhumbuzo encwadini , ukubeke ezindlebeni zikaJoshuwa ukuthi ngizakuqothula ukukhunjulwa kuka-Amaleki phansi kwezulu.

Namuhla ngiyakuqala ukubeka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu , eziyakuzwa indaba yakho , zithuthumele, ziqhaqhazele ngenxa yakho.

Uyakubaxosha ngentukuthelo, ubabhubhise, bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova.

Nase nisondela , nema phansi kwentaba ; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye.

funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu , uyengwe, uze ukhuleke kukho , ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.

Uyakuwanikela amakhosi azo esandleni sakho, wena uqede igama lawo phansi kwezulu ; akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho , uze uzichithe.

ngiyeke ukuba ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu , ngenze wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.

Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho nxazonke ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle , wesule inkumbulo ka-Amaleki phansi kwezulu ; awuyikukhohlwa lokho.

uJehova angamthetheleli , kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.

Uma ekhona oxoshelwe nasekugcineni kwezulu , uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubutha khona, akulande khona,

UJehova akashongo ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kepha wabasindisa ngesandla sikaJerobowamu indodana kaJowashi.

UNkulunkulu akakho ekuphakameni kwezulu na ? Bheka inhloko yezinkanyezi ukuthi iphakeme kangaka.

Ngokuba uyabeka imikhawulo yomhlaba, abone konke okuphansi kwezulu.

Ngubani ongandulele ukuba ngimbuyisele na ? Konke okuphansi kwezulu kungokwami.

Phakama, Nkulunkulu, phezu kwezulu , inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.

Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu ; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.

Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.

Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwezulu , nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.

Phakama, Nkulunkulu, phezu kwezulu , inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.

UJehova uphakeme phezu kwezizwe zonke , inkazimulo yakhe iphezu kwezulu.

Mdumiseni nina mazulu amazulu, nina manzi aphezu kwezulu.

Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini , inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha , nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.

Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.

Niyakusho kanje kubo, nithi: Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.

Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabahluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu , ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.

kuthi kusasa nithi : Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele. Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na?

Ngokuba njengonyazi , nxa lunyazima kwenye indawo phansi kwezulu , lukhanya luze lufike kwenye indawo phansi kwezulu , yoba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.

Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema , amadoda akholwayo , evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu;

Ayikho insindiso ngomunye , ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.

uma kambe nihlala ekukholweni , nisekeliwe nigxilile , ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo , elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu. UPawulu uthokozela ukubasebenzela nokubalwela