Skip to Content

UDuteronomi Chapter 25

1 Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu , baye ukwahlulelwa , kuthethwe icala labo, bayakuyekela olungileyo, balahle onecala, 2 kuze kuthi uma onecala efanele ukushaywa, umahluleli amenze alale phansi, ashaywe phambi kwakhe, ubuningi bemivimbo bube njengokwecala lakhe. 3 Angamshaya imivimbo engamashumi amane , angadluli, funa uma ebeyakudlula, amshaye imivimbo eminingi phezu kwaleyo , kuze kuthi umfowenu ahlazwe emehlweni akho. 4 Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula. Umthetho wokungena 5 Uma abazalwane behlala ndawonye omunye wabo afe engenandodana , umfazi wofileyo akayikugana umfokazi ongaphandle ; kepha umfowabo wendoda yakhe uyakungena kuye, amthathe abe ngumkakhe, amngene. 6 Kuyakuthi izibulo alizalayo lilandele egameni lomfowabo ofileyo ukuba igama lakhe lingesulwa kwa-Israyeli. 7 Uma umuntu engathandi ukumthatha umkamfowabo , umkamfowabo uyakukhuphukela kumalunga esangweni , athi: U mfowabo wendoda yami uyala ukuvusela umfowabo igama kwa-Israyeli; akathandi ukungingena. 8 Amalunga omuzi wakhe ayakumbiza , akhulume naye; uma emi eqinisa ngokuthi: Angithandi ukumthatha, 9 umkamfowabo uyakufika kuye phambi kwamalunga , akhumule isicathulo onyaweni lwakhe , amkhafulele ebusweni bakhe , aphendule athi : Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ongayakhi indlu yomfowabo. 10 Igama lakhe liyakuthiwa kwa-Israyeli Indlu yosicathulo sakhe sikhunyuliwe . 11 Nxa amadoda amabili elwa , umfazi wenye abesesondela ukuyophula indoda yakhe esandleni saleyo eyishayayo , aselule isandla sakhe, ayibambe ngomphambili, 12 womnquma isandla, iso lakho lingabi namhawu. Izisindo nezilinganiso ezilungileyo 13 Makungabikho esikhwameni sakho izisindo ezahlukeneyo , esikhulu nesincane. 14 Makungabikho endlini yakho izilinganiso ezahlukeneyo, esikhulu nesincane. 15 Woba nesisindo esipheleleyo nesilungileyo , futhi ube nesi linganiso esipheleleyo nesilungileyo ukuba izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona. 16 Ngokuba bonke abenza kanjalo , bonke abenza ukungalungi, bayisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho. Icala lama-Amaleki 17 Khumbula akwenzay o kuwe u -Amaleki endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe 18 ukuthi wakuhlangabeza endleleni , washaya abasemva kwakho , bonke ababebuthakathaka emva kwakho , lapho usukhathele , uphelile amandla ; kamesabanga uJehova. 19 Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho nxazonke ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle , wesule inkumbulo ka-Amaleki phansi kwezulu ; awuyikukhohlwa lokho.