U-Eksodusi Chapter 17
1
Ibandla lonke labantwana bakwa -Israyeli lasuka ehlane laseSini , bahamba ngamabanga njengesiyalo sikaJehova, bamisa eRefidimi; kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.
2
Ngalokho abantu baphikisana noMose, bathi: Siphe amanzi, siphuze. UMose wathi kubo: Yini ukuba niphikisane nami na? Nimlingelani uJehova na?
3
Abantu bomela khona amanzi ; abantu bakhonona ngoMose , bathi: Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale , thina nabantwana bethu nezinkomo zethu ngokoma, na?
4
UMose wayesekhala kuJehova , ethi: Ngizakwenzani kulaba bantu na ? Sekukancane ukuba bangikhande ngamatshe.
5
UJehova wathi kuMose: Dlulela phambi kwabantu, uthathe amalunga akwa- Israyeli; nenduku yakho owashaya ngayo umfula , yiphathe ngesandla sakho, uhambe.
6
Bheka, ngiyakuma phambi kwakho edwaleni laseHorebe ; uzakushaya itshe, kuphume amanzi kulo , abantu baphuze . Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.
7
Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMasa neMeriba ngenxa yokuphikisana k wabantwana bakwa-Israyeli, nangokuba bemlinga uJehova , bethi: Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha? Ukulwa no-Amaleki
8
Kwase kufika u-Amaleki, walwa no-Israyeli eRefidimi.
9
UMose wathi kuJoshuwa : Sikhethele amadoda , uphume ulwe no -Amaleki; kusasa ngizakuma esiqongweni sentaba , induku kaNkulunkulu isesandleni sami.
10
UJoshuwa wenze njalo, njengalokho uMose eshilo kuye, walwa no-Amaleki; oMose, no-Aroni, noHure bakhuphukela esiqongweni sentaba.
11
Kwathi uMose esephakamisile isandla sakhe , u-Israyeli wahlula, kepha nxa esehlisa, u-Amaleki wahlula.
12
Kodwa izandla zikaMose zaba nzima ; bathatha itshe , walibeka phambi kwakhe, wahlala kulo ; o-Aroni noHure basekela izandla zakhe , omunye engalapha, omunye engalapha ; zase zihlala ziqinile izandla zakhe laze lashona ilanga.
13
UJoshuwa wamchitha u-Amaleki nabantu bakhe ngosiko lwenkemba.
14
UJehova wathi kuMose : Kulobe lokhu kube yisikhumbuzo encwadini , ukubeke ezindlebeni zikaJoshuwa ukuthi ngizakuqothula ukukhunjulwa kuka-Amaleki phansi kwezulu.
15
UMose walakha i-altare, waliqamba igama lokuthi iJehova-Nisi.
16
Wathi: Isandla singasesihlalweni sobukhosi sikaJehova sokuthi uJehova uyakulwa no-Amaleki izizukulwane ngezizukulwane.