Skip to Content

AmaHubo Chapter 108

1 Inhliziyo yami iduduzekile , Nkulunkulu; ngizakuhlabelela, ngihube, ngisho nomphefumulo wami. 2 Vukani, lugubhu nehabhu! Ngizakuvusa ukusa. 3 Ngizakukubonga phakathi kwabantu , Jehova, ngikudumise phakathi kwezizwe. 4 Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwezulu , nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini. 5 Phakama, Nkulunkulu, phezu kwezulu , inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke. 6 Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe , sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele. 7 UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe , wathi: Ngiyakwethaba; ngiyakulidabula iShekemi, ngisilinganise isiGodi saseSukoti. 8 Ngowami uGileyadi , ngowami uManase ; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa. 9 UMowabi uyisitsha s ami sokuhlambela ; phezu kuka -Edomi ngiphonsa isicathulo sami; phezu kweFilistiya ngiyethaba. 10 Ngubani oyakungiyisa emzini oyinqaba na ? Ngubani oyakungiholela kwa- Edomi na? 11 Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na ? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu. 12 Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize. 13 NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla ; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.