Skip to Content

AmaHubo Chapter 148

1 Haleluya! Dumisani uJehova ezulwini, nimdumise kweliphezulu. 2 Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke , nimdumise nina mabandla akhe onke. 3 Mdumiseni nina langa nenyanga , nimdumise nina zinkanyezi zonk e ezikhanyayo. 4 Mdumiseni nina mazulu amazulu, nina manzi aphezu kwezulu. 5 Makuthathe kudumise igama likaJehova, ngokuba wayaleza, kwadaleka. 6 Futhi wakumisa kuze kube phakade; washaya umthetho ongenakweqiwa. 7 Mdumiseni uJehova emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke, 8 nawe mlilo nesichotho , liqhwa nenkwezane , nawe siphepho esenza okwezwi lakhe, 9 nani zintaba namagquma onke, nani mithi ethelayo nayo yonke imisedari, 10 nani zilwane nezinkomo zonke, nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo, 11 nani makhosi om hlaba nabantu bonke , nani zikhulu nabahluleli bonke bomhlaba, 12 nani zinsizwa nezintombi, nani maxhegu nabafana. 13 Mabadumise igama likaJehova , ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu. 14 Usephakamisile uphondo lwab antu bakhe ; ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe , abantwana bakwa -Israyeli, abantu abaseduze naye . Haleluya!