AmaHubo Chapter 149
1
Haleluya! Hlabelelani kuJehova igama elisha , indumiso yakhe emhlanganweni wabangcwele.
2
U-Israyeli makathokoze ngo wamEnzayo, abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.
3
Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu.
4
Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.
5
Abalungileyo mabethabe ngobukhosi,
6
Ukumphakamisa uNkulunkulu makube semlonyeni wabo , nenkemba esika nhlangothi zombili esandleni sabo,
7
ukuba benze impindiselo kubo abezizwe nezijeziso kubantu,
8
babophe amakhosi abo ngamaketang a nabadumileyo babo ngezibopho zensimbi,
9
bafeze phezu kwabo isahlulelo es ilotshiweyo; kuludumo kubo bonke abangcwele bakhe. Haleluya!