Skip to Content

"kwezinyawo"

25 occurrences in ZUL

Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda , nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.

Bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakungathi kugandayiwe ngamatshe amasafire, kungathi yizulu uqobo ngokucweba.

Kepha lezi ningazidla kuzo zonke izilwanyana ezinamaphiko , ezihamba ngezinyawo zozine , ezinamanqina ngaphezu kwezinyawo zazo ukuxhuma ngazo emhlabeni;

Ukuphahlaza phansi kwezinyawo zonke iziboshwa zasemhlabeni,

nakumzanyama wakhe ophuma phakathi kwezinyawo zakhe , nakubantwana bakhe ayakubazala , ngokuba uyakubadla ngasese e kusweleni kwakhe ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.

Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka ; zawa phansi kwezinyawo zami.

Ngalokho suka uye endlini yakho ; ekungeneni kwezinyawo zakho emzini uyakufa umntwana.

Wathi: Mphonseni phansi . Zamphonsa; igazi lakhe lasaphazeka odongeni nasemahhashini; wamnyathela phansi kwezinyawo zakhe.

Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho ; konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:

Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami.

Wathobisa abantu phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu.

INkosi yathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.

Nayiphi indawo engayikunamukela , nalapho bengayikunizwa khona , anothi nimuk a kuyo , nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu , kube ngubufakazi kubo.

UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi : INkosi yathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.

Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani. Isigcino

Ngokuba umelwe ukubusa , aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.

Ngokuba izinto zonke uzithobisele phansi kwezinyawo zakhe . Kepha nxa ethi: Izinto zonke zithotshisiwe , kusobala ukuthi ungaphandle kwazo yena ozithobisele phansi kwakhe.

wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe , wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla,

Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi ; wambeka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.

Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga ; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.

Kwaba khona ezulwini isibonakaliso esikhulu: owesifazane embethe ilanga , nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe , nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili,

Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha. UKristu uyalwa nesilo

Mina Johane nginguye owezwa nowabona lezi zinto . Kuthe sengizwile , sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezo zinto.