AmaHubo Chapter 47
1
Shayani izandla , zizwe zonke ; hlokomani kuNku lunkulu ngezwi lokuhalalisa.
2
Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka ; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.
3
Wathobisa abantu phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu.
4
Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela
5
UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo.
6
Hubelani uNkulunkulu, hubani! Hubelani iNkosi yethu, hubani!
7
Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke; hubani ihubo!
8
UNkulunkulu uyabusa izizwe ; uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi.
9
Izikhulu zabantu zibuthene , zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka -Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.