Skip to Content

AmaHubo Chapter 48

1 Mkhulu uJehova, udunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu entabeni yakhe engcwele. 2 Inhle ngokuphakama , ingukuthokoza komhlaba wonk e intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu. 3 UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi ukuthi uyinqaba. 4 Ngokuba bheka, amakhosi abuthana; aqhubeka kanyekanye. 5 Abona, ayesemangala; ashaywa luvalo, aphaphatheka. 6 Ehlelwa lapho ngukuthuthumela, yivuso njengakobelethayo. 7 Ngomoya wasempumalanga waphula imikhumbi yaseTharishishi. 8 Njengalokho sizwile, kanjalo sikubonile emzini kaJehova Sebawoti, emzini kaNkulunkulu wethu; uNkulunkulu uyakuwumisa kuze kube phakade. Sela 9 Siyazindla ngomusa wakho, Jehova, siphakathi ethempelini lakho. 10 Njengalo igama lakho, Nkulunkulu, kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba; isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga. 11 Mayijabule intaba yaseSiyoni , kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho. 12 Zungezani iSiyoni, nilikake, nibale imibhoshongo yalo. 13 Qaphelani izindonga zalo , nidabule izindlu zalo zobukhosi , ukuze nilandisele isizukulwane esizayo. 14 Ngokuba lo Nkulunkulu , unguNkulunkulu wethu phakade naphakade ; uzakusihola kuze kube sekufeni.