AmaHubo Chapter 49
1
Yizwani lokhu nonke nina bantu ; bekani indlebe n ina nonke enakhileyo ezweni,
2
abantukazana nezikhulu, abacebileyo nabampofu.
3
Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba ngokokuqonda.
4
Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga, ngiphenye imfumbe yami ngehabhu.
5
Bengizakwesabelani ezinsukwini ezimbi , lapha ububi babangizingelayo bungihaqa,
6
labo abathemba imfuyo yabo bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?
7
Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye.
8
Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu ; akunakuphela nanini
9
ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.
10
Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayaf a nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye.
11
Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane ; amazwe abo bawabiza ngamagama abo.
12
Kepha umuntu , nokuba enodumo , akayikuma; ufana nezilwane ezibhubhayo.
13
Le ndlela yabo ingubuwula babo , balandelwa ngabavumela umlomo wabo . Sela
14
Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa , abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa , isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.
15
Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wam i esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela
16
Ungesabi, nxa umuntu eceba, nxa ubukhosi bendlu yakhe banda.
17
Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho ; ubukhosi bakhe abuyikwehla naye.
18
Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila , futhi abantu bekudumisa , ngokuba uzondle kahle,
19
nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise; abayikukubona ukukhanya naphakade.
20
Umuntu onodumo engenakuqonda unjengezilwane ezibhubhayo.