1 kwabaseKorinte Chapter 15
1
Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo,
2
nenisindiswa ngalo , nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona , uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize.
3
Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami uk uthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,
4
nokuthi wembelwa , nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo,
5
nokuthi wabonwa nguKhefase; wayesebonwa ngabayishumi nambili;
6
emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye ngabazalw ane abadlula amakhulu ayisihlanu , iningi labo lisekhona nakalokhu , kepha abanye sebelele;
7
emva kwalokho wabonwa nguJakobe ; ngasemuva wabonwa ngabaphostoli bonke;
8
ekugcineni kwabo bonke wabonwa nayimina enginjengozelwe kungakabi yisikhathi.
9
Ngokuba min a ngingomncinyane kubaphostoli , engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu.
10
Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho , nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke ; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.
11
Ngakho-ke noma kuyimina noma kuyibona, sishumayela kanjalo, nakholwa kanjalo.
12
Kepha-ke uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvusiwe kwabafileyo , basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na?
13
Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, akavuswanga naye uKristu.
14
Kepha uma uKristu engavuswanga kwabafileyo , ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize.
15
Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu , ngokuba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa u Kristu, angamvusanga kambe, uma kanti abafileyo bengavuswa.
16
Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga naye uKristu.
17
Kepha uma uKristu engavuswanga , ukukholwa kwenu akusizi lutho , nisesezonweni zenu.
18
Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile.
19
Uma singabathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela , singabokukhalelwa kunabantu bonke.
20
Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo.
21
Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu , ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.
22
Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa , ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.
23
Kepha yilowo nalowo ngesigaba sakhe : uKristu kuqala , bese kuba ngabangabakaKristu ekufikeni kwakhe,
24
andukuba kufike ukuphela , nxa enikela umbuso kuNkulunkulu uYise , lapho esechithile ukubusa konke, nobukhosi bonke, namandla.
25
Ngokuba umelwe ukubusa , aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.
26
Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa.
27
Ngokuba izinto zonke uzithobisele phansi kwezinyawo zakhe . Kepha nxa ethi: Izinto zonke zithotshisiwe , kusobala ukuthi ungaphandle kwazo yena ozithobisele phansi kwakhe.
28
Kodwa nxa izinto zonke sezithotshiselwe phansi kwakhe , lapho-ke nayo iNdodana iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kukho konke.
29
Pho, bayakwenze njani ababhapathizelwa abafileyo na ? Uma abafileyo bengavuki nempela, babhapathizelwani ngenxa yabo na?
30
Futhi sizifakelani thina engozini imizuzu yonke na?
31
Bazalwane, ngiyaqinisa ngokubongwa enginakho n genxa yenu kuKristu Jesu iNkosi yethu, ngiyafa mihla yonke.
32
Uma ngalwa nezilo e -Efesu ngokwabantu , nginanzuzoni? Uma abafileyo bengavuki, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.
33
Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.
34
Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.
35
Kepha omunye uyakuthi: Abafileyo bavuswa kanjani na? Beza benamzimba muni na?
36
Wena ongaqondiyo , lokho okuhlwanyelayo wena akutholi ukuphila kungafanga;
37
futhi lokho okuhlwanyelayo awuhlwanyeli umzimba ozakuba khona kepha uhlamvu oluze, noma kungaba ngolukakolweni, noma kungaba ngolokunye;
38
kepha uNkulunkulu ulunika umzimba njengokuthanda kwakhe , yileyo naleyo mbewu owayo umzimba.
39
Inyama yon ke ayinhlobonye , kepha enye ngeyabantu , enye yinyama yezilwane, enye yinyama yezinyoni, enye ngeyezinhlanzi.
40
Ikhona nemizimba yasezulwini nemizimba yasemhlabeni; kepha inkazimulo yeyasezulwini iyodwa, neyasemhlabeni iyodwa.
41
Iyodwa inkazimulo yelanga , iyodwa inkazimulo yenyanga , iyodwa inkazimulo yezinkanyezi; yebo, enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.
42
Kunjalo nokuvuka kwabafileyo . Kuhlwanyelwa kunokubola , kuvuswa kungenakubola;
43
kuhlwanyelwa kunokudelwa, kuvuswa kunenkazimulo ; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka, kuvuswa kunamandla.
44
Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo , kuvuswa kungumzimba womoya . Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya.
45
Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; u-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.
46
Kepha okokuqala akusikho okomoya kodwa okwemvelo ; bese kuba ngokomoya.
47
Umuntu wokuqala wavela emhlabeni , engowenhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.
48
Njengokuba enjalo owayengowenhlabathi , banjalo nalabo abangabenhlabathi; nanjengokuba enjalo ongowasezulwini , banjalo nabo abangabasezulwini.
49
Futhi njengokuba besinesimo songowenhlabathi , siyakuba nesimo songowasezulwini futhi.
50
Kepha ngisho lokhu , bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli.
51
Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke,
52
ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso , ngecilongo lokugcina ; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.
53
Ngokuba lokhu okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli , nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi.
54
Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi : Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.
55
Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?
56
Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho.
57
Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.
58
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile , abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi , nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.