IsAmbulo Chapter 22
1
Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu , uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.
2
Phakathi kwesitaladi sawo nomfula emace leni omabili kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga, namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe.
3
Akusayikuba khona nokukodwa ukuqalekisa . Isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siya kuba kuwo , nezinceku zakhe ziyakumkhonza,
4
zibone ubuso bakhe, negama lakhe liyakuba semabunzini azo.
5
Ubusuku abusayikuba khona ; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela ; bayakubusa phakade naphakade. Iqiniso lombono
6
Yayisithi kimi : Lawo mazwi athembekile , aqinisile, neNkosi uNkulunkulu wemimoya yabaprofethi iyithumile ingelosi yayo ukuzikhombisa izinceku zayo okuzakwenzeka masinyane.
7
Bheka, ngiyeza masinyane . Ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho s ale ncwadi.
8
Mina Johane nginguye owezwa nowabona lezi zinto . Kuthe sengizwile , sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezo zinto.
9
Yayisithi kimi : Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaprofethi nabagcina amazwi ale ncwadi; khuleka kuNkulunkulu.
10
Yathi kimi: Ungavali ngophawu amazwi esiprofetho sale ncwadi , ngokuba isikhathi siseduze.
11
Ongalungile makenze njalo okungalungile , nongcolileyo makazingcolise njalo, kepha olungileyo makenze njalo ukulunga, nongcwele makazingcwelise njalo.
12
Bheka, ngiyeza masinyane , nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.
13
Ngingu-Alfa no-Omega, owokuqala nowokuphela, isiqalo nesigcino.
14
Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilu ngelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.
15
Ngaphandle kukhona izinja , nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.
16
Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.
17
UMoya nomlobokazi bathi : Woza! Nozwayo makathi: Woza! Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.
18
Ngiyafakaza mina kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi; uma ekhona owenezela kulokhu, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshiwe kule ncwadi;
19
futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho , uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila , nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kule ncwadi.
20
Ofakaza ngalezi zinto uthi : Yebo, ngiyeza masinyane. Amen. Woza, Nkosi Jesu!
21
Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.