U-Eksodusi Chapter 24
1
Wathi kuMose: Khuphukela kuJehova, wena no-Aroni, noNadabi, no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli, nikhuleke nikude.
2
UMose yedwa uyakusondela kuJehova, kepha bona abayikusondela; nabantu abayikukhuphuka naye.
3
UMose weza wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezahlulelo zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye , bathi: Onke amazwi uJehova awakhulumileyo siyakuwenza.
4
UMose wabhala onke amazwi kaJehova , wavuka ekuseni ngakusasa , walakha i -altare phansi kwentaba , nezinsika eziyishumi nambili njengokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.
5
Wathuma izinsizwa zabantwana bakwa -Israyeli, zanikela ngeminikelo yokushiswa, zahlabela uJehova imihlatshelo yokuthula yezinkunzi.
6
UMose wathatha inxenye yegazi , wayithela ezitsheni ; inxenye yegazi wafafaza ngayo i-altare.
7
Wathatha incwadi yesivumelwano , wayifunda ezindlebeni zabantu ; bathi: Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.
8
UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, ethi: Bheka, nanti igazi lesivumelwano uJehova asenze nani ngawo onke lawa mazwi. UMose ukhuphukela eSinayi
9
Khona bakhuphuka oMose , no-Aroni, noNadabi, no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli.
10
Bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakungathi kugandayiwe ngamatshe amasafire, kungathi yizulu uqobo ngokucweba.
11
Akasibekanga isandla sakhe kuzo izikhulu zabantwana bakwa -Israyeli; sebembonile uNkulunkulu badla, baphuza.
12
UJehova wayesethi kuMose : Khuphukela kimi entabeni , uhlale khona , ngikunike izibhebhe zamatshe , nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.
13
Wasuka uMose nenceku yakhe uJoshuwa ; uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu.
14
Wathi kumalunga: Manisihlalele lapha, size sibuyele kini; bhekani, o-Aroni noHure bakini; yilowo nalowo onendaba makaye kubo.
15
UMose wayesekhuphukela entabeni, ifu lasibekela intaba.
16
Inkazimulo kaJehova yahlala entabeni yaseSinayi , ifu layisibekela izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa esefwini wambiza uMose.
17
Ukubonakala kwenkazimulo kaJehova kwakunjengomlilo oqedayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli.
18
UMose wangena efwini , wakhuphukela entabeni ; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.