"kwehla"
14 occurrences in ZUL
Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni ; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula ; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda.
Lapho uGali ebona abantu , wathi kuZebule : Bheka, kwehla abantu eziqongweni zezintaba . UZebule wathi kuye : Uyabona amathunzi ezintaba kungathi ngabantu.
UGali wabuye wakhuluma, wathi: Bheka, kwehla abantu eNkabeni yezwe , esinye isigaba sifika ngendlela ye-oki lokuhlola imihlola.
Kwehla abathathu kwaba yizinhloko ezingamashumi amathathu , bafika kuDavide ngesikhathi sokuvuna emhumeni wase -Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.
Kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingamashumi amathathu , baya etsheni kuDavide emhumeni wase -Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.
Kwase kwehla umoya phezu kuka -Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi: Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese ; ukuthula, ukuthula makube nawe , ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza . Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.
USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.
Izwi lisesemlonyeni wenkosi, kwehla ezulwini izwi , lithi: We nkosi Nebukadinesari, kukhulunyiwe kuwe ukuthi: Umbuso usukile kuwe;
Mina bengisemzini waseJopha ngikhuleka ; ngehlelwa yisiyezi , ngabona umbono, kwehla isitsha esithile sinjengendwangu enkulu , yehliswa ezulwini ngamachopho amane, yaze yafika kimi.