IsAmbulo Chapter 20
1
Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo.
2
Yambamba udrako , inyoka endala , onguMhlebi noSathane , yambopha iminyaka eyinkulungwane,
3
yamphonsa-ke kw alasha, yamvalela phakathi , yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe , ukuze angabe esadukisa izizwe , ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana. Ukuvuka kokuqala. Umbuso weminyaka eyinkulungwane
4
Ngase ngibona izihla lo zobukhosi ; bahlala kuzo , banikwa ukwahlulela ; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu , nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso , nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo ; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.
5
Abafileyo ababesele kabaphila yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane . Lokhu kungukuvuka kokuqala.
6
Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane. Ukukhululwa kukaSathane
7
Nanxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane , uSathane uyakukhululwa etilongweni lakhe,
8
aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle.
9
Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba , zakaka ikamu labangcwele nomuzi othandiweyo ; kwehla umlilo uvela ezulwini , wazidla waziqeda;
10
noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule , lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga ; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade. Ukwahlulelwa kokugcina
11
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso , obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.
12
Ngabona abafileyo , abakhulu nabancane , bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa ; nenye incwadi yavulwa , ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.
13
Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo , nokufa neHayidese kwakhipha abafileyo ababekukho , bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.
14
Ukufa neHayidese kwaphonswa echibini lomlilo . Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo.
15
Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila , waphonswa echibini lomlilo.