Skip to Content

U-Eksodusi Chapter 2

1 Kwasuka umuntu wendlu kaLevi, wathatha indodakazi kaLevi. 2 Wakhulelwa lowo mfazi , wazala ind odana; esebonile ukuthi inhle , wayithukusa izinyanga ezintathu. 3 Engasenakuyithukusa wayithathela ibhokisi lebungu , walihuqa ngebitume nangekolitayi, wamfaka umfana kulo , walibeka emhlangeni ngasogwini lomfula. 4 Udadewabo wayemi kudana, ukuze azi ukuthi kuyakwenziwani kuye. 5 Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni ; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula ; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda. 6 Yalivula, yabona umntwana ; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: Lona ungowabantwana bamaHeberu. 7 Udadewabo wayesethi kuyo indodakazi kaFaro : Ngihambe ngikubizele umzanyana kuwo amaHeberu ukuba akuncelisele ingane na? 8 Indodakazi kaFaro yathi kuye : Hamba. Yasuka intombazana, yabiza unina wengane. 9 Indodakazi kaFaro yathi kuye : Hamba nalo mntwana , ungincelisele yena ; ngizakukukhokhela. Owesifazane wamthatha-ke umntwana, wamncelisa. 10 Umfana wakhula, wayiswa kuyo indodakazi kaFaro, waba yindodana yayo. Yamqamba igama lokuthi uMose, ithi: Ngokuba ngamkhipha emanzini. Ukubaleka kukaMose 11 Kwathi ngalezo zinsuku uMose esekhulile , waphuma, waya kubafowabo , wabuka imithwalo yabo ; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu , omunye wabafowabo. 12 Waphendukela ngalapha nangalapha ; esebonile ukuthi akukho muntu , wambulala owaseGibithe, wamthukusa esihlabathini. 13 Waphuma nangosuku olulandelayo ; bheka, nanko amadoda amabili amaHeberu exabene; wathi kowonileyo: Umshayelani owakini na? 14 Wathi yena: Ngubani okumise induna nomahluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala mina , njengalokho ubulele owas eGibithe, na? UMose wayesesaba, ethi: Impela le ndaba iyazeka. 15 UFaro esekuzwile lokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro , wahlala ezweni lakwaMidiyani ; wahlala phansi ngasemthonjeni. 16 UMpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika ukukha amanzi, agcwalisa imiqengqe eyophuzisa izimvu zikayise. 17 Kwafika abelusi , bawaxosha. Kepha wayesesukuma uMose , wawasiza, waphuzisa izimvu zawo. 18 Lapho esefika kuRehuweli uyise , wathi yena: Yini ukuba nisheshe nibuye namuhla na? 19 Athi: OwaseGibithe usophulile esandleni sabelusi, futhi wasikhelela amanzi, waphuzisa izimvu. 20 Wathi kuwo amadodakazi akhe: Uphi yena? Nimshiyeleni na? Mbizeni, eze ukuzokudla. 21 UMose wazimisela ukuhlala kulowo muntu ; wamupha uMose uSipora indodakazi yakhe. 22 Wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu , ngokuba wathi: Ngangingumfokazi ezweni elingesilo elami. 23 Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi , inkosi yaseGibithe yafa ; abakwa- Israyeli babubula ngenxa yobugqila , bakhala; ukukhala kwabo kw enyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo. 24 UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo ; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe. 25 UNkulunkulu wabona abantwana bakwa-Israyeli, wabanakekela.