UDaniyeli Chapter 4
1
UNebukadinesari inkosi kubo bonke abantu , nezizwe, nezilimi ezakhe emhlabeni wonke: ukuthula makuvame kinina.
2
Bekukuhle kimi ukwazisa izibonakaliso nezimangaliso uNkulunkulu oPhezukonke azenzile kimi.
3
Yeka ubuningi bezib onakaliso zakhe , namandla ezimangaliso zakhe ! Umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade , nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane.
4
Mina Nebukadinesari ngangihlezi ngokuthula , ngatamasa endlini yami yobukhosi.
5
Ngase ngibona iphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono yekhanda lami yangesabisa.
6
Ngalokho ngakhipha isimemezelo sokuba kulethwe bonke abahlakaniphileyo baseBabele phambi kwami, ukuze bangazise incazelo yephupho.
7
Zase zifika izanusi , nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola , ngabatshela iphupho, kepha abangazisanga incazelo yalo.
8
Kodwa ngasekugcineni kwangena uDaniyeli phambi kwami ogama lakhe linguBeliteshasari njengegama likankulunkulu wami , okuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:
9
Beliteshasari, wena nduna yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe nokuthi awukhathazwa mfihlakalo , ngitshele imibono yephupho lami engilibonileyo nencazo yalo.
10
Yayinje imibono yekhanda lami ngisembhedeni wami : ngabona, bheka, nanko umuthi phakathi nomhlaba, nokuphakama kwawo kwakukukhulu.
11
Umuthi wakhula, waqina, ubude bawo bafinyelela ezulwini nokubonakala kwawo kwaze kwaba sekugcineni komhlaba.
12
Amaqabunga awo ayemahle , nezithelo zawo zaziziningi , kukhona kuwo ukudla kubo bonke; izilwane zasendle zazinomthunzi phansi kwawo, izinyoni zezulu zazihlala emagatsheni awo, nenyama yonke yondliwa kuwo.
13
Ngabona emibonweni yekhanda lami ngisembhedeni wami , bheka, nango umlindi ongcwele ehla ezulwini.
14
Wamemeza ngamandla , washo kanje, wathi: Gawula umu thi, unqume amagatsha awo , uvuthulule amaqabunga awo , uhlakaze izithelo zawo ; izilwane mazisuke phansi kwawo, nezinyoni emagatsheni awo.
15
Nokho shiya isiqu sezimpande zawo emhlabathini , sinesibopho sensimbi nesethusi, ohlazeni lwasendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sibe nezilwane zasetshanini bomhlaba;
16
inhliziyo yakhe iyakuguqulwa ingabi ngeyomuntu , aphiwe inhliziyo yesilwane, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakhe.
17
Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwe le ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu , ayinike amthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu.
18
Leli phupho ngalibona mina Nebukadinesari ; wena Beliteshasari , yisho incazelo, njengokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami bengazi ukungazisa incazelo ; kepha wena ungakwenza , ngokuba umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe.
19
Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana , imicabango yakhe ya mesabisa. Inkosi yathatha yathi : Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi . UBeliteshasari waphendula wathi : Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.
20
Umuthi owawubonayo , owakhula, waqina, obude bawo bafinyelela ezulwini nokubonakala kwawo kwaze kwaba sekugcineni komhlaba;
21
omaqabunga awo ayemahle , nezithelo zawo zaziziningi , kukhona ukudla kuwo kubo bonke ; ozilwane zasendle zahlala phansi kwawo , nezinyoni zezulu zakha emagatsheni awo:
22
nguwe nkosi okhulile waqina , ngokuba ubukhulu bakho bukhulile bufinyelele ezulwini nokubusa kwakho kuze kube sekugcineni komhlaba.
23
Njengalokho inkosi yabona umlindi ongcwele ehla ezulwini , ethi: Gawula umuthi, uwuchithe, kepha shiya isiqu sezimpande zawo emhlabathini, sinesibopho sensimbi nesethusi , ohlazeni lwasendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sibe nezilwane zasendle , kuze kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwaso,
24
nansi incazelo, nkosi: kuyisimemezelo soPhezukonke esiyehlele inkosi yami, inkosi,
25
sokuthi uyakuxoshwa kubantu , inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle , udliswe utshani njengezinkabi , umanziswe ngamazolo ezulu , kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho , uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.
26
Njengalokho bayaleza ukuba kushiywe isiqu sezimpande zomuthi , umbuso wakho uyakuqina kuwe, lapho usufundile ukuthi izulu liyabusa.
27
Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe isiluleko sami , unqamule izono zakho ngokulunga , nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu ; mhlawumbe kungelulwa ukuthula kwakho.
28
Konke lokho kwamehlela uNebukadinesari.
29
Ngasekugcineni kwezinyanga eziyishumi nambili wayehamba endlini yamakhosi eBabele.
30
Inkosi yathatha yathi: Angithi yileli Babele elikhulu engilakhile libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami, na?
31
Izwi lisesemlonyeni wenkosi, kwehla ezulwini izwi , lithi: We nkosi Nebukadinesari, kukhulunyiwe kuwe ukuthi: Umbuso usukile kuwe;
32
uyakuxoshwa kubantu , inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle , udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa , uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.
33
Ngasona leso sikhathi le nto yagcwaliseka phezu kukaNebukadinesari : waxoshwa kubantu , wadliswa utshani njengezinkabi , umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe n jengezimpaphe zezinkozi nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.
34
Ngasekugcineni kwezinsuku mi na Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini , nomqondo wami wabuyela kimi , ngambonga oPhezukonke , ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade . Ngokuba ukubus a kwakhe kungukubusa okuphakade , nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;
35
bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize ; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwin i naphakathi kwabakhileyo emhlabeni ; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: Wenzani na?
36
Ngasona leso sikhathi wabuyela kimi umqondo wami , nobukhosi bami nokucwebezela kwami kwabuyela kimi , kwaba ludumo lombuso wami ; abomkhandlu bami nezinduna zami bangifuna ; ngase ngibekwa embusweni wami, ngenezelwa ubukhulu obudluleleyo.
37
Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa , ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso , nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.