Skip to Content

2 iziKronike Chapter 7

1 USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu. 2 Abapristi babengenakungena endlini kaJehova , ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova. 3 Lapho a bantwana bakwa -Israyeli bebona ukwehla komlilo , nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu , bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe , bakhuleka, babonga uJehova , ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade. 4 Inkosi nabo bonke abantu base benikela ngomhlatshelo phambi kukaJehova. 5 Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili . Inkosi nabo bonke abantwana bakwa -Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova. 6 Abapristi bema njengezikhundla zabo kanye namaLev i, benezinto zokubethwa ayezenzile uDavide inkosi ukuba babonge uJehova , ngokuba umusa wakhe umi phakade , lapho uDavide edumisa ngezandla zabo ; abapristi bakhalisa amacilongo ngaphambi kwabo, esemi wonke u-Israyeli. 7 USolomoni wangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngokuba wanikela lapho ngeminikelo yokushiswa namanoni eminikelo yokuthula , ngokuba i -altare lethusi ayelenzile uSolomoni lalingenakwanela umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni. 8 USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi izinsuku eziyisikhombisa, wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu kakhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni waseGibithe. 9 Ngosuku lwesishiyagalombili benz a umhlangano ozothileyo ngokuba ukuhlanjululwa kwe -altare bakwenza izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa. 10 Ngosuku lwamashumi amabili nantathu lwenyanga yesikhombisa wabamukisa abantu baya ematendeni abo , bethokoza benezinhliziyo ezenamileyo ngobuhle uJehova abenzel e oDavide noSolomoni no -Israyeli abantu bakhe. UNkulunkulu uyabonakala ngokwesibili kuSolomoni 11 USolomoni waqeda-ke indlu kaJehova nendlu yenkosi ; konke okwangena enhliziyweni kaSolomoni ukukwenza endlini kaJehova nasendli ni yakhe , wakuphumelelisa. 12 UJehova wabonakala kuSolomoni , wathi kuye : Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizikhethele le ndawo ukuba ibe yindlu yomhlatshelo. 13 Uma ngivala izulu ukuba kungabikho mvula , noma ngiyaleza isikhonyane ukuba sidle izwe, noma ngithuma isifo phakathi kwabantu bami, 14 bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami , bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi , ngiyakuzwa ezulwini , ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo. 15 Manje amehlo ami ayakuvuleka , izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo. 16 Manje sengiyikhethile ngayingcwelisa le ndlu ukuba igama lami libe khona lapho kuze kube phakade ; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona lapho isikhathi sonke. 17 Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njen gokuhamba kukaDavide uyihlo, wenze njengakho konke engikuyale ngakho , ugcine izimiso zami nezahlulelo zami, 18 ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho njengesivumelwano sami noDavide uyihlo ngokuthi: Akuyikunqunywa muntu kuwe ukuba kungabikho mbusi kwa-Israyeli. 19 Kepha uma nibuya , nishiye izimiso zami nemiyalo yami engikubeke phambi kwakho, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, 20 ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona , nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusw eni bami, ngiyenze isaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke. 21 Le ndlu ephakeme kangaka , yilowo nalowo odlula kuyo uyakumangala athi: UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na? 22 Bayakuphendula bathi : Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe , babambelela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho ubehlisele konke lokho okubi.