Skip to Content

"izabelo"

19 occurrences in ZUL

Wabathathela izabelo kulokho okwakuphambi kwakhe , kepha isabelo sikaBenjamini saphindwa kahlanu silinganiswa nesabo . Baphuza, bathokoza naye.

nize nifundise abantwana bakwa -Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngesandla sikaMose. Izabelo zeminikelo zabapristi

Ayakuphiwa izabelo ezilingeney o ngaphandle kwalokho okuvela ngokuthengisa ngefa likayise. Ukubhula kwabezizwe nabaprofethi bamanga

UManase wabelwa izabelo eziyishumi ngaphandle kwelakwaGileyadi neBashani ngaphesheya kweJordani,

Ayakwahlukanisa izabelo eziyisikhombisa: uJuda uyakuhlala emkhawulweni wakhe ngaseningizimu , indlu kaJosefa ihlale emkhawulweni wayo ngasenyakatho.

Kwathi ngosuku u -Elkana ahlaba ngalo , wanika uPhenina umkakhe nawo onke amadodana akhe namadodakazi akhe izabelo;

Washo kubantu abakhileyo eJerusalema ukuba banike abapristi namaLevi izabelo, ukuze babambelele emthethweni kaJehova.

Namadodana ka -Aroni, abapristi ababe semasimini amadlelo emizi yabo , imizi ngemizi , ayenamadoda abizwa ngegama ukuba anike bonke abesilisa babapristi nawo onke amaLevi abhaliweyo ngezizukulwane izabelo.

Wayesethi kubo : Hambani nidle okunonileyo , niphuze okumnandi , nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho , ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova ; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.

Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe. Umkhosi wamadokodo

Ngalolo suku amiswa amadoda ukuba abe ngabaphathi bamakamelo engcebo, nabeminikelo yokuphakanyiswa, nabolibo, nabokweshumi ukuba baqoqele kuwo njengamasimu emizi izabelo ezinqunyelwe abapristi namaLevi ngomthetho , ngokuba uJuda wathokoza ngabapristi namaLevi asebebekiwe.

Wonke u -Israyeli wayesenika emih leni kaZerubabele nasemihleni kaNehemiya abahlabeleli nabalindisango izabelo njengokufunekayo imihla ngemihla; bakungcwelisela amaLevi , namaLevi akungcwelisela amadodana ka-Aroni.

Ngase ngazi ukuthi amaLevi awanikwanga izabelo zawo ; amaLevi nabahlabeleli abenza umsebenzi babebalekele , kwaba yilowo nalowo ensimini yakhe.

Kukangaki isibani sababi sicimeka , nengozi ibehlela , babelwe izabelo ngentukuthelo, na?

Banejubane ebusweni bamanzi ; izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni ; abasayikuphendukela endleleni yezivini.

Izabelo zingehlele ezindaweni ezinhle, yebo, nginalo ifa elihle.

Futhi bonke abantu uNkulunkulu abaphe ingcebo nemfuyo , abanike futhi namandla okud la kukho ukuba bathathe izabelo zabo , bathokoze ngomshikashika wabo lokho kuyisipho sikaNkulunkulu.

Yilo leli zwe eniyakulahlukanisa ngenkatho , libe yifa lezizwe zakwa - Israyeli; yilezi izabelo zazo, isho iNkosi uJehova. Amasango omuzi

Kuthe amabutho esembethele uJesu esiphambanweni , athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine , kwaba yilelo nalelo butho laba nesabelo , neyembe futhi . Kepha iyembe lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.