UJoshuwa Chapter 18
1
Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo , yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.
2
Kwasala phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli izizwe eziyisikhombisa ezingakabelwa ifa lazo.
3
UJoshuwa wathi kubantwana bakwa -Israyeli: Niyakuyekethisa kuze kube nini ukuya ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninike lona na?
4
Zimiseleni amadoda amathathu izizwe ngezizwe ; ngiyakuwathuma ukuba asuke ahambe ezweni, alilobe njengamafa azo, aze afike kimi.
5
Ayakwahlukanisa izabelo eziyisikhombisa: uJuda uyakuhlala emkhawulweni wakhe ngaseningizimu , indlu kaJosefa ihlale emkhawulweni wayo ngasenyakatho.
6
Anoloba izwe kube yizabelo eziyisikhombisa , nikulethe lapha kimi , nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu.
7
Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu , lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo ; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.
8
Amadoda ayesesuka, ahamba; uJoshuwa wayala abahambayo ukuba balobe izwe, wathi: Sukani nihambe ezweni , nililobe, nibuyele kimi , nginenzele inkatho phambi kukaJehova eShilo.
9
Ayesehamba amadoda , adabula izwe , aliloba ngemizi , kwaba yizabelo eziyisikhombisa encwadini; afika kuJoshuwa ekamu laseShilo.
10
UJoshuwa wawenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova ; uJoshuwa wababela khona abantwana bakwa-Israyeli izwe njengezabelo zalo. Isabelo sakwaBenjamini
11
Inkatho yadla isizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo ; umkhawulo wesabelo sabo waphuma phakathi kwabantwana bakwaJuda nabantwana bakwaJosefa.
12
Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani ; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho , wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti Aveni.
13
Umkhawulo wasuka lapho , waya eLuze eceleni kweLuze eliyiBethele ngaseningizimu; umkhawulo wawusehlela e -Atharoti Adari ngasentabeni engaseningizimu kwaseBeti Horoni laseNzansi.
14
Umkhawulo wasuka , wajika ngasohlangothini lwasentshonalanga ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakungaseKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi , umuzi wabantwana bakwaJuda; lokho kwakuluhlangothi lwasentshonalanga.
15
Uhlangothi l waseningizimu lwasuka ekupheleni k weKiriyati Jeharimi , umkhawulo waphuma waya ngasentshonalanga emthonjeni wamanzi aseNefitowa;
16
umkhawulo wawusehlela ngasekupheleni kwentaba engaphambi kwesigodi sendodana kaHinomu esiyisigodi samaRefa ngasenyakatho; wehlela esigodini sikaHinomu eceleni kwamaJebusi ngaseningizimu, wehlela e-Eni Rogeli;
17
wasuka enyakatho , waphuma e -Eni Shemeshi , waya eGeliloti elibhekene nommango wase-Adumimi, wehlela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;
18
wadlula waya eceleni elibhekene ne-Araba ngasenyakatho, wehlela e-Araba;
19
umkhawulo wadlula , waya eceleni kweBeti Hogila ngasenyakatho , ukuphuma komkhawulo kwakungasethekwini lasenyakatho koLwandle Lukasawoti ngasekugcineni kweJordani ngaseningizimu; lokho kwakungumkhawulo waseningizimu.
20
IJordani lalingumkhawulo wal o ngasohlangothini lwasempumalanga . Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini njengemikhawulo yabo nxazonke ngemindeni yabo.
21
Imizi yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemi ndeni yabo yayiyiJeriko , neBeti Hogila, ne-Emeki Kesisi,
22
neBeti Araba, neSemarayimi, neBethele,
23
ne-Avimi, nePhara, ne-Ofira,
24
neKefari Amoni, ne-Ofini, neGeba, imizi iyishumi nambili nemizana yayo;
25
iGibeyoni, neRama, neBeyeroti,
26
neMispa, neKefira, neMosa,
27
neRekemi, ne-Iripeyeli, neTarala,
28
neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerus alema, neGibeyati, neKiriyati, imizi iyishumi nane nemizana yayo. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo.