Skip to Content

UJoshuwa Chapter 17

1 Lesi siyisabelo sesizwe sakwaManase , ngokuba wayeyizibulo likaJosefa . UMakiri-ke, izibulo likaMa nase, uyise kaGileyadi , wathola elakwaGileyadi neBashani, lokhu eyindoda yempi. 2 Abanye abantwana bakwaManase babelwa nabo ngemindeni yabo : abantwana bakwa-Abiyezeri, nabantwana bakwaHeleki, nabantwana bakwa- Asiriyeli, nabantwana bakwaShekemi, nabantwana bakwaHeferi, nabantwana bakwaShemida; labo babe ngabantwana besilisa bakwaManase indodana kaJosefa ngemindeni yabo. 3 Kepha uSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase wayengenamadodana, enamadodakazi odwa ; lawa angamagama amadodakazi: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa. 4 Asondela phambi kuka -Eleyazare umpristi , naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni , naphambi kwezikhulu , athi: UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu. Wayesewanika ifa phakathi kwabafowabo bakayise njengesiyalezo sikaJehova. 5 UManase wabelwa izabelo eziyishumi ngaphandle kwelakwaGileyadi neBashani ngaphesheya kweJordani, 6 ngokuba amadodakazi kaManase aba nefa phakathi kwamadodana akhe ; izwe lakwaGileyadi laba ngelamanye amadodana kaManase. 7 Umkhawulo kaManase wasuka kwa-Asheri, waya eMikemetha elingaphambi kweShekemi; umkhawulo wawusuya ngakwesokunene kwabakhileyo e -Eni Taphuwa. 8 Izwe laseTaphuwa lalingelikaManase, kepha iTaphuwa elisemkhawulweni kaManase lalingelabantwana bakwa-Efrayimi. 9 Umkhawulo wehlela emfudlaneni iKhana ngaseningizimu komfula ; leyo mizi yayingeka-Efrayimi phakathi kwemizi kaManase ; umkhawulo kaManase wawungasenyakatho komfula; ukuphuma kwawo kwakuselwandle; 10 okwaseningizimu kwakungokuka -Efrayimi, okwasenyakatho kwakungokukaManase, ulwandle lwalungumkhawulo wakhe ; bafinyelela kwa-Asheri ngasenyakatho nakwa-Isakare ngasempumalanga. 11 Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni Dori kanye nemizana yalo , nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo , nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu. 12 Kodwa abantwana bakwaManase babengenakunqoba leyo mizi ; kepha amaKhanani ayethanda ukuhlala kulelo zwe. 13 Kwathi lapho abantwana bakwa -Israyeli sebeqinile , bawasebenzisa amaKhanani, abawaxoshanga ngokupheleleyo. 14 Abantwana bakwaJosefa bakhuluma kuJoshuwa , bathi: Unginikeleni isabelo sibe sinye nje nesinqamu sibe sinye kuphela , kube yifa lami , lokhu ngiyisizwe esikhulu, njengokuba uJehova ungibusisile kuze kube manje, na? 15 UJoshuwa wathi kubo : Uma uyisizwe esikhulu , khuphukela ehlathini , uzicabele khona ezweni lamaPherizi nakwelamaRefa , lokhu izintaba zakwa - Efrayimi ziminyene kuwe. 16 Bathi abantwana bakwaJosefa: Izintaba azisanele; onke amaKhanani ahlala ezweni lesigodi anezinqola zensimbi, wona aseBeti Sheyani kanye nemizana yalo nawo asesiGodini saseJizreyeli. 17 UJoshuwa wayesekhuluma kuyo indlu kaJosefa , naku-Efrayimi, nakuManase, ethi: Uyisizwe esikhulu , unamandla amakhulu ; awuyikuba nasabelo esisodwa nje; 18 kepha izintaba ziyakuba ngezakho ; noma ziyihlathi , woligawula; namaphethelo alo mawabe ngawakho , ngokuba uyakuwaxosha amaKhanani, nakuba enezinqola zensimbi nakuba enamandla.