UJoshuwa Chapter 16
1
Isabelo sabantwana bakwaJosefa sasuka eJordani ngaseJeriko emanzini aseJeriko ngasempumalanga , ihlane elenyuka eJeriko ezintabeni ukuya eBethele;
2
saphuma eBethel e, saya eLuze , sadlula saya emkhawulweni wama -Araki ngase-Atharoti;
3
sehlela ngasentshonalanga emkhawulweni wamaJafeleti kuze kube semkhawulweni weBeti Horoni laseNzansi naseGezeri ; ukuphuma kwaso kwakuselwandle.
4
Abantwana bakwaJosefa, oManase no-Efrayimi, base belidla ifa labo.
5
Umkhawulo wabantwana bakwa -Efrayimi ngemindeni yabo wawunje : umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi -Atharoti Adari kuze kube seBeti Horoni laseNhla;
6
umkhawulo waphuma ngasentshonalanga ngaseMikemetha ngasenyakatho ; umkhawulo wawusujika ngasempumalanga, waya eTawanati Shilo, walidlula ngasempumalanga kwaseJanowa;
7
wehla eJanowa , waya e -Atharoti naseNahara , wafika eJeriko , waphumela eJordani.
8
Kusukela eTaphuwa umkhawulo waya ngasentshonalanga , wafika emfudlaneni iKhana; ukuphuma kwawo kwakuselwandle. Lelo liyifa lesizwe sabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo
9
kanye nemizi eyahlukaniselwa abantwana bakwa -Efrayimi phakathi kwefa labantwana bakwaManase, yonke imizi nemizana yayo.
10
Kodwa abawaxoshanga amaKhanani ahlala eGezeri, kepha amaKhanani ahlala phakathi kuka -Efrayimi kuze kube namuhla , aba yizinceku zokusebenza.