Skip to Content

UJoshuwa Chapter 19

1 Inkatho yesibili yadla uSimeyoni , isizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo; ifa labo laliphakathi kwefa labantwana bakwaJuda. 2 Ifa labo laliyiBeri Sheba, neSheba, neMolada, 3 neHasari Shuwali, neBala, ne-Eseme, 4 ne-Elitoladi, neBethuli, neHorma, 5 neSikilagi, neBeti Marikaboti, neHasari Susa, 6 neBeti Lebawoti, neSharuheni, imizi iyishumi nantathu nemizana yayo; 7 i-Ayini, neRimoni, ne-Etere, ne-Ashani, imizi mine nemizana yayo, 8 nayo yonke imizana eyayinxazonke zaleyo mizi kuze kube seBalati Beri , iRama laseNingizimu. Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo. 9 Ifa labantwana bakwaSimeyoni lavela esabelweni sabantwana bakwaJuda , ngokuba isabelo sabantwana bakwaJuda sasisikhulu kubo ; ngalokho abantwana bakwaSimeyoni babenefa phakathi kwefa labo. Isabelo sakwaZebuloni 10 Inkatho yesithathu yadla abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo ; umkhawulo wefa labo wafika eSaridi; 11 umkhawulo wabo wenyukela ngasentshonalanga kuze kube seMarala , wafinyelela naseDabesheti , wafinyelela nasemfuleni ongasempumalanga kwaseJokineyamu, 12 wajika wasuka eSaridi ngasempumalanga , lapho kuphum a khona ilanga , kuze kube semkhawulweni waseKisiloti Thabori , waphuma waya eDabe rati, wenyukela eJafiya; 13 kusukela lapho wadlula waya ngasempumalanga eGati Heferi , nase-Eti Kasini, waphuma waya eRimoni elifika naseNeya; 14 umkhawulo wawusujika ngasenyakath o kwalo , waya eHanathoni ; ukuphuma kwawo kwakungasesigodini saseJifitayeli; 15 neKathati, neNahalali, neShimroni, neJidala, neBetlehema, imizi iyishumi nambili nemizana yayo. 16 Lokho kwakuyifa labantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo , leyo mizi kanye nemizana yayo. Isabelo sakwa-Isakare 17 Inkatho yesine yadla u-Isakare, abantwana bakwa-Isakare ngemindeni yabo. 18 Umkhawulo wabo wawuyiJizreyeli, neKesuloti, neShunemi, 19 neHafarayimi, neShiyoni, ne-Anaharati, 20 neRabiti, neKishiyoni, ne-Ebesi, 21 neRemeti, ne-Eni Ganimi, ne-EniHada, neBeti Phasesi; 22 umkhawulo wafinyelela eThabori , naseShahasuma, naseBeti Shemeshi ; ukuphuma komkhawulo wabo kwakuseJordani , imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo. 23 Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwa -Isakare ngemindeni yabo , imizi kanye nemizana yayo. Isabelo sakwa-Asheri 24 Inkatho yesihlanu yadla isizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo. 25 Umkhawulo wabo wawuyiHelikati, neHali, neBetheni, ne-Akishafu, 26 ne-Alameleki, ne-Amadi, neMishali; wafinyelela eKarmeli ngasentshonalanga, naseShihori Libinati; 27 wajika ngasempumalanga , waya eBeti Dagoni , wafinyelela kwaZebuloni nasesigodini saseJifitayeli ngasenyakatho ukuya eBeti Emeki naseNeyiyeli , waphumela eKabuli ngakwesokhohlo; 28 ne-Ebironi, neRehobi, neHamoni, neKhana, neSidoni Elikhulu; 29 umkhawulo wajika waya eRama , nasemzini obiyelweyo waseTire ; umkhawulo wajika waya eHosa ; ukuphuma kwawo kwakuselwandle ngasezweni lase-Akizibi; 30 ne-Uma, ne-Afeki, neRehobi, imizi ingamashumi amabili nemizana yayo. 31 Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo. Isabelo sakwaNafetali 32 Inkatho yesithupha yadla abantwana bakwaNafetali , abantwana bakwaNafetali ngemindeni yabo. 33 Umkhawulo wabo wasuka eHelefi , kulo i-oki laseSahananimi, nase-Adami Nekebi, naseJabineyeli, waze wafika eLakumi ; ukuphuma kwawo kwakungaseJordani; 34 umkhawulo wawusujika ngasentshonalanga , waya e -Azinoti Thabori ; waphuma lapho , waya eHukoki ; wafinyelela kwaZebuloni ngaseningizimu , wafinyelela kwa -Asheri ngasentshonalanga nakwaJuda ngaseJordani ngasempumalanga. 35 Imizi ebiyelweyo yayiyiSidimi, neSeri, neHamati, neRakati, neKinereti, 36 ne-Adama, neRama, neHasori, 37 neKedeshi, ne-Edireyi, ne-EniHasori, 38 neJireyoni, neMigidaliyeli, neHoremi, neBeti Anati, neBeti Shemeshi, imizi iyishumi nesishiyagalolunye nemizana yayo. 39 Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaNafetali ngemindeni yabo , imizi kanye nemizana yayo. Isabelo sakwaDani 40 Inkatho yesikhombisa yadla abantwana bakwaDani ngemindeni yabo. 41 Umkhawulo wefa labo wawuyiSora, ne-Eshitawoli, ne-Iri Shemeshi, 42 neShahalabini, ne-Ajaloni, neJitila, 43 ne-Eloni, neThimna, ne-Ekroni, 44 ne-Eliteke, neGibethoni, neBalati, 45 neJehudi, neBene Beraki, neGati Rimoni, 46 neMe Jarikhoni, neRakhoni, kanye nomkhawulo malungana neJafo. 47 Umkhawulo wabantwana bakwaDani waphuma kuwo ; kepha abantwana bakwaDani bakhuphuka balwa neLeshemu , balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, balidla, bakha kulo , baliqamba iLeshemu ngokuthi iDani ngegama likaDani uyise. 48 Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana b akwaDani ngemindeni yabo , leyo mizi kanye nemizana yayo. Isabelo sikaJoshuwa 49 Base beqeda ukwabelana izwe libe yifa ngemikhawulo yalo ; abantwana bakwa-Israyeli bamnika uJoshuwa indodana kaNuni ifa phakathi kwabo; 50 ngesiyalezo sikaJehova bamnika umuzi awu celayo, iThimnati Sera , ezintabeni zakwa-Efrayimi; wakha umuzi, wahlala kuwo. 51 Lawo angamafa abawabela ngenkatho u -Eleyazare umpristi , noJoshuwa indodana kaNuni , nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa -Israyeli eShilo phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. Baqeda-ke ukwabela izwe.