Skip to Content

UJoshuwa Chapter 20

1 UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi: 2 Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli ngokuthi : Zimiseleni imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngesandla sikaMose 3 ukuba umb ulali obulala umuntu ngesiphosiso kungengamabomu abalekele khona, yona ibe yisiphephelo kumphindiseli wegazi. 4 Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi , angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo. 5 Uma umphindiseli wegazi emxosha , awayikumnikela umbulali esandleni sakhe, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe kungengamabomu ebekade engamzondi. 6 Uyakuhlala kulowo muzi aze eme phambi kwenhlangano ukuba kuthet hwe icala, kuze kufe umpristi omkhulu okhona ngalezo zinsuku , andukuba umbulali abuye, afike kowakhe umuzi, nakweyakhe indlu, yebo, kulowo muzi abaleka kuwo. 7 Bangcwelisa iKedeshi laseGalile ezintabeni zakwaNafetali , neShekemi ezintabeni zakwa -Efrayimi, neKiriyati Araba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda. 8 Phesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga bamisa iBeseri ehlane ethafeni esizweni sakwaRubeni, neRamoti kwaGileyadi esizweni sakwaGadi , neGolanu eBashani esizweni sakwaManase. 9 Leyo yayiyimizi emis elwe bonke abantwana bakwa -Israyeli nabafokazi ababegogobele phakathi kwabo , ukuze yilowo nalowo obulele umuntu ngesiphosiso abaleke le khona , angafi ngesandla somphindiseli wegazi , aze eme phambi kwenhlangano.