Wayesethi uFaro ezincekwini zakhe : Singamthola yini umuntu onjalo , onoMoya kaNkulunkulu, na?
UJehova wathi kuMose : Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni , umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,
Onomoya ohahayo uyavusa ukuxaba na, kepha owethemba kuJehova uyakukhuluphaliswa.
Ukuzidla komuntu kuyamthobisa , kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.
Obamba amazwi akhe unokwazi ; onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.
Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo ; onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.
Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu , ohlala kuze kube phakade , ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.
Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula , umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu;
Kwakukhona-ke esinagogeni umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza,
Kwakukhona esinagogeni umuntu onomoya wedemoni elingcolileyo , wamemeza ngezwi elikhulu, wathi:
mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma. Ukuphulukiswa kowesifazane onomoya wobuthakathaka
Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela.
Lowo muntu onomoya omubi wabadumela , wahlula ababili , wabanqoba, baze baphunyuka kuleyo ndlu behambaze, belimele.