Skip to Content

UHoseya Chapter 9

1 Ungajabuli, Israyeli, kube nguku thokoza njengokwabezizwe , ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba , wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele. 2 Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza , iwayini elisha liyakumkhohlisa. 3 Abayikuhlala ezweni likaJehova ; u-Efrayimi uyakubuyela eG ibithe, nase- Asiriya bayakudla okungcolileyo. 4 Abayikuthululela uJehova iwayini; imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye, isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo ; bonke abasidlayo bayakungcola , ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango, singangeni endlini kaJehova. 5 Niyakwenze njani ngosuku lomhlangano nangosuku lomkhosi kaJehova na? 6 Bhekani, ngokuba bemukile ekuchithwen i iGibithe liyakubabutha , iMofi libembele; izinto zabo zamagugu zesiliva ziyakudliwa yizimbabazane , kube ngameva ematendeni abo. 7 Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula , umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu; 8 umprofethi engumlindi ka -Efrayimi kanye noNkulunkulu wami , ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe , nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe. 9 Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya ; uyakhumbula ububi babo, uyabahambela ngezono zabo. 10 Ngamfumana u -Israyeli njengezithelo zomvini ehlane , ngabona oyihlo njengolibo emkhiwanen i ngesikhathi sawo sokuqala . Kepha bafika eBali Peyori, bazahlukanisela okunezinhloni , baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo. 11 Udumo luka -Efrayimi luyakundiza , lumuke njengenyoni , kungabikho ukuzala, nonesisu, nokukhulelwa. 12 Noma bekhulisa abantwana babo , nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu; yebo, maye kubo, lapho ngimuka kubo! 13 U-Efrayimi, njengalokho ngibone eTire, utshalwe endaweni emnandi, kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe. 14 Banike, Jehova uyakunikani ? Banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo. 15 Bonke ububi babo buseGiligali ; ngalokho ngabazonda khona ; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami , angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki. 16 U-Efrayimi ushayiwe, impande yabo yomile , abayikuthela izithelo . Noma bezala, ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo. 17 UNkulunkulu wami uyakubalahla , ngokuba abamlalelanga , babe ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe.