Skip to Content

"nabafowenu"

20 occurrences in ZUL

Njengalokho usufunisisile kuyo yonke impahla yami , uthole ntoni yezinto zonke zendlu yakho na ? Yibeke lapha phambi kwabafowethu nabafowenu ukuba banqume phakathi kwethu sobabili.

Wabalandisa uyise nabafowabo; uyise wamsola, wathi kuye: Yiphupho lini leli oliphuphileyo na ? Impela mina nonyoko nabafowenu siyakuza , sikukhothamele emhlabathini na?

Wayesekhuluma uFaro kuJosefa, ethi: Uyihlo nabafowenu beze kuwe;

izwe laseGibithe lisebusweni bakho ; mhlalise uyihlo nabafowenu ezweni elihle kunalo lonke , ubahlalise ezweni laseGosheni ; uma uwazi phakathi kwabo amadoda anamandla, wabeke abe yizinduna zezinkomo zami.

nokuthi ukusondezile wena, nabafowenu bonke, amadodana kaLevi, kanye nawe na? Senifisa nobupristi futhi na?

Nabafowenu, isizwe sakwaLevi , isizwe sikayihlo , sondela nabo ukuba bahlanganiswe nawe , bakukhonze; kepha wena namadodana akho kanye nawe niyakuba ngaphambi kwetende lobufakazi.

uma ekufikeni kwethu ezweni ungabophi le ntambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo , uzibuthele endlini y akho uyihlo , nonyoko, nabafowenu, nabendlu bonke bakayihlo.

Buyelani ematendeni enu nemfuyo eningi : izinkomo eziningi kakhulu , nesiliva, negolide, nethusi, nensimbi, nezingubo eziningi, nabelane impango yezitha zenu nabafowenu.

Ufikile izolo nje ; ngikuzulazulise nathi yini namuhla , ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube nawe.

Usho kanje uJehova , uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu abantwana bakwa -Israyeli; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe , ngokuba le nto ivela kimi . Balalela izwi likaJehova , babuya, bahamba njengokusho kukaJehova.

Nina niyizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi ; zingcweliseni nina nabafowenu ukuba niwukhuphulele umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka- Israyeli endaweni engiyilungisele wona.

Usho kanje uJehova , uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu ; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe , ngokuba le nto ivela kimi . Balalela amazwi kaJehova, babuya ekumhlaseleni uJerobowamu. Ukwakha kukaRehobowamu

Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo , niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala.

Ningabi njengoyihlo nabafowenu ababephambuka kuJehova uNkulunkulu wawoyise, waze wabanikela encithakalweni, njengalokhu nibona.

Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, nabo bamemeza kakhulu emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe. Ukumenyezelwa kokubhujiswa

Omunye wathi kuye : Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe.

Isixuku sabantu sasimphahlile ; bathi kuye : Bheka, unyoko nabafowenu nawodadewenu bangaphandle bekufuna.

Wabikelwa ukuthi: Unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukubona.

Wathi nakommemileyo : Uma wenza isidlo sasemini noma esakusihlwa , ungabizi abahlobo bakho , nabafowenu, nomndeni wakho , nabakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, kube khona ukwenanana.

Yebo, niyakukhashelwa nangabazali , nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo.