2 iziKronike Chapter 19
1
UJehoshafati inkosi yakwaJuda wabuyela ng okuphila endlini yakhe eJerusalema.
2
UJehu, indodana kaHanani umboni , waphuma ukumhlangabeza , wathi enkosini uJehoshafati: Usiza yini ababi , uthanda abamzondayo uJehova na ? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.
3
Nokho kufunyaniswa kuwe nezin to ezinhle , ngokuba ususile o -Ashera ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu. UJehoshafati umisa abahluleli
4
UJehoshafati wahlala eJerusalema , kepha wabuye waphuma , wahamba phakathi kwabantu , kusukela eBeri Sheba kuze kube sezintabeni , wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise.
5
Wamisa abahluleli ezweni emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda , imizi ngemizi, wathi kubahluleli:
6
Bhekani enikwenzayo , ngokuba anahluleleli umuntu kepha uNkulunkulu , onani ekwahluleleni.
7
Ngalokho ingebhe ngoJeho va mayibe phezu kwenu ; qaphelani nikwenze , ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu , nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.
8
Futhi uJehoshafati wamisa eJerusalema kumaLevi nakubapristi nasezinhlokweni zawoyise bakwa -Israyeli abokwahlulela kuka Jehova nabombango. Sebebuyela eJerusalema,
9
wabayala wathi : Niyakwenze njalo ngokumesaba uJehova , ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo.
10
Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo , niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala.
11
Bheka, u-Amariya umpristi omkhulu uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova, noZebadiya indodana ka -Ishmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda , kuzo zonke izindaba zenkosi ; namaLevi ayakuba yizinduna ngaphambi kwenu. Yibani namandla ekwenzeni kwenu, uJehova uyakuba nabalungileyo.