Skip to Content

"ibanga"

23 occurrences in ZUL

Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe , kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo , ngokuba wathi : Ngingebone ukufa komntwana . Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.

Wamisa ibanga lezinsuku ezintathu phakathi kwakhe noJakobe ; uJakobe walusa imihlambi eseleyo kaLabani.

Wayesethatha abafowabo , wamlandela ibanga lezinsuku eziyisikhombisa, wamfica entabeni yakwaGileyadi.

Wazinikela esandleni sezinceku amaqambi ngamaqambi, wathi ezincekwini zakhe: Dlulani ngaphambi kwami , nenze ibanga phakathi kweqambi neqambi.

Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku , bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo.

Bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalunga akwa -Israyeli enkosini yaseGibithe , nithi kuyo : U Jehova, uNkulunkulu wamaHeberu , uhlangene nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu , siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.

Base bethi : UNkulunkulu wamaHeberu uhlangene nathi ; ake sihambe ibanga lezinsuku ezintathu , siye ehlane , sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, funa asehlele ngesifo nangenkemba.

Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu , siye ehlane , sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho ezakusiyala.

Basuka entabeni kaJehova , bahamba ibanga lezinsuku ezintathu; umphongolo wesivumelwano sikaJehova wahamba phambi kwabo ibanga lezinsuku ezintathu ukubafunela indawo yokuphumula.

Kwavuka umoya ovela kuJehova , waletha izigwaca zivela ngaselwandle , waziwisa ngasekamu kungathi ibanga losuku ngalapha nebanga losuku ngalapha kwekamu nxazonke , nokuphakama phezu komhlaba kungathi izingalo ezimbili.

Basuka eHahiroti , badabula phakathi kolwandle , baya ehlane , bahamba ibanga lezinsuku ezintathu ehlane lase-Etamu, bamisa eMara.

Nokho kuyakuba khona ibanga phakathi kwenu nawo , lingangezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngokulinganisa, ningasondeli kuwo, ukuba nazi indlela eniyakuhamba ngayo, ngokuba anidlulanga ngale ndlela phambili.

Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.

UMalikhiya, indodana kaHarimi, noHashubi, indodana kaPhahati M owabi, balungisa elinye ibanga noMbhoshongo Wamaziko.

Eceleni kwakhe kwalungisa u -Ezeri indodana kaJeshuwa, umbusi waseMispa, elinye ibanga malungana nommango oya endlini yezikhali eNqutshini.

Emva kwakhe kwalungisa nokulungisa uBaruki indodana kaZabayi elinye ibanga, kusukela eNqutshini kuze kube semnyango wendlu ka -Eliyashibi umpristi omkhulu.

Emva kwakhe kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi, elinye ibanga, kusukela emnyango wendlu ka -Eliyashibi kuze kube sekugcineni kwendlu ka-Eliyashibi.

Emva kwakhe kwalungisa uBinuwi indodana kaHenadadi elinye ibanga , kusukela endlini ka-Azariya kuze kube seNqutshini, kuze kube naseGumbini.

Emva kwakhe kwalungisa abaseThekhowa elinye ibanga malungana nombhoshongo omkhulu ophumeleleyo kwaze kwaba sogangeni lwase-Ofeli.

Emva kwakhe kwalungisa uHananiya , indodana kaShelemiya , noHanuni, indodana yesithupha kaSalfi , elinye ibanga . Emva kwakhe kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya malungana nekamelo lakhe.

Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe , waguqa phansi , wakhuleka,

Khona babuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa eyemiNqumo eseduze neJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha.

Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa;