U-Eksodusi Chapter 5
1
Ngasemuva oMose no -Aroni bafika , bathi kuFaro : Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe , bangenzele umkhosi ehlane.
2
Wathi uFaro : Ngubani uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe , ngimyeke u- Israyeli ukub a ahambe na ? Angimazi uJehova , futhi angiyikumvumela u - Israyeli ukuba ahambe.
3
Base bethi : UNkulunkulu wamaHeberu uhlangene nathi ; ake sihambe ibanga lezinsuku ezintathu , siye ehlane , sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, funa asehlele ngesifo nangenkemba.
4
Inkosi yaseGibithe yathi kubo : Nibakhumulelani abantu emithwalweni yabo nina Mose no-Aroni na? Hambani, niye emisebenzini yenu.
5
UFaro wathi : Bheka, abantu sebebaningi ezweni , nokho niyabaphumuza emithwalweni yabo.
6
Ngalona lolo suku uFaro wayala abaphathi babantu nezinduna zabo, wathi:
7
Anisayikubanika abantu utshani bokwenza izitini njengaphambili ; mabahambe bazibuthele utshani.
8
Kepha isilinganiso sezitini ekade besenza , bamiseleni sona, ningasinciphisi, ngokuba bayenqena ; ngalokho bayakhala bathi : M asihambe sihlabele uNkulunkulu wethu.
9
Mayenziwe ibe nzima imisebenzi phezu kwabantu , bayisebenze, banganakekeli amazwi okukhohlisa.
10
Baphuma-ke abaphathi babantu nezinduna zabo , bakhuluma kubantu , bathi: UFaro usho uthi: Angisayikuninika utshani.
11
Hambani nina , nizifunele utshani , lapho ningabuthola khona , ngokuba imisebenzi yenu ayiyikuncishiswa ngalutho.
12
Base behlakazeka abantu ezweni lonke laseGibithe ukuyobutha izinhlanga zibe yibona tshani babo.
13
Abaphathi babaqhuba, bathi: Qedani imisebenzi yenu , imisebenzi yemihla ngemihla, njengasezinsukwini kusekhona utshani.
14
Izinduna zabantwana bakwa -Israyeli abazibeke phezu kwabo abaphathi bakaFaro zashaywa , zabuzwa ukuthi : Aniqedanga ngani umsebenzi wenu izolo nanamuhla ukubumba izitini njengaphambili na?
15
Zase zifika izinduna zabantwana bakwa -Israyeli, zakhala kuFaro , zathi: Uziphathelani izinceku zakho kanje na?
16
Izinceku zakho aziphiwanga tshani ; nokho bathi kithi : Bumbani izitini . Futhi bheka, izinceku zakho ziyashaywa, kepha icala likubantu bakho.
17
Kepha wathi : Yinina enenqena , yebo, niyenqena; ngalokho nithi : Ake sihambe sihlabele uJehova.
18
Ngalokho hambani nisebenze , ngokuba aniyikuphiwa tshani , kepha isilinganiso sezitini niyakusiqeda.
19
Izinduna zabantwana bakwa -Israyeli zabona ukuthi basekuhlup hekeni, lapho kuthiwa : Aniyikunciphisa izitini zenu esilinganisweni semihla ngemihla.
20
Zahlangana noMose no -Aroni ababemi khona ukuzihlangabeza zisaphuma kuFaro.
21
Zathi kubo : UJehova makanibheke , ahlulele, ngokuba nilenzile iphunga lethu linuke kabi emeh lweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe , nibeke inkemba esandleni sabo ukuba basibulale.
22
UMose wayesebuyela kuJehova, wathi: Nkosi, wenzeleni okubi kulaba bantu na? Ungithumeleni mina na?
23
Selokhu ngafika kuFaro ukukhuluma egameni lakho , ubaphathe kabi laba bantu, nawe awubophulanga nakanci abantu bakho.