U-Eksodusi Chapter 4
1
UMose waphendula wathi : Kepha bheka , abayikukholwa yimi , bangalaleli izwi lami, ngokuba bayakusho ukuthi: UJehova akabonakalanga kuwe.
2
Wayesethi kuye uJehova : Kuyini lokhu okusesandle ni sakho na ? Wathi: Yinduku.
3
Khona wathi: Yiphonse phansi. Wayeseyiphonsa phansi. Yaphenduka inyoka; uMose wayibalekela.
4
Wayesethi uJehova kuMose : Yelula isandla sakho , uyibambe ngomsila . Wayeselula isandla sakhe, wayibamba; yaphenduka induku esandleni sakhe --
5
ukuba bakholwe ukuthi uJehova , uNkulunkulu wawoyise, uNkulunkulu ka- Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe , ubonakele kuwe.
6
UJehova wathi futhi kuye : Faka isandla sakho esifubeni sakho . Wayesefaka isandla sakhe esifubeni sakhe ; lapho esesikhipha , bheka, isandla sakhe sasinochoko, sinjengeqhwa.
7
Wayesethi kuye : Buyisela isandla sakho esifubeni sakho . Wayesesibuyisela isandla sakhe esifubeni sakhe ; kuthe esikhipha esifubeni sakhe , bheka, sase siphendukile, sinjengenyama yakhe.
8
Kuyakuthi uma bengayikukholwa nguwe , bengalaleli izwi lesibonakaliso sokuqala, bayakukholwa yizwi lesibonakaliso sasemuva.
9
Kuzakuthi-ke uma bengayikukholwa nayilezi zibonakaliso ezimbili , bengalaleli izwi lakho , uyakukha amanzi omfula , uwathele emhlabathini owomileyo; amanzi owakha emfuleni ayakuphenduka igazi emhlabathini owomileyo.
10
UMose wayesethi kuJehova : Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho , ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.
11
UJehova wayesethi kuye : Ngubani owenzile umlomo womuntu na ? Ngubani owenza isimungulu , nesithulu, nobonayo, nempumputhe na ? Akusimina, uJehova, na?
12
Ngalokho hamba ; ngizakuba nomlomo wakho , ngikufundise lokho ozakukukhuluma.
13
Kepha wathi: O Nkosi, ake uthume ngesandla salowo ozakumthuma.
14
Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose ; wathi: Akakho umfowenu u- Aroni, umLevi, na? Ngiyazi ukuthi ukhuluma kahle yena . Futhi bheka , uyaphuma ukukuhlangabeza; nalapho ekubona , uyakuthokoza enhliziyweni yakhe.
15
Uyakukhuluma ku ye, ufake amazwi emlonyeni wakhe ; ngizakuba nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza.
16
Uyakukukhulumela kubantu , abe ngumlomo kuwe , wena ube njengoNkulunkulu kuye.
17
Uzakuphatha le nduku ngesandla sakho, oyakwenza izibonakaliso ngayo. UMose ubuyela eGibithe
18
Wayesehamba uMose , wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe , wathi kuye : Ake ngihambe , ngibuyele kubafowethu abaseGibithe , ngize ngibone ukuthi basekhona yini. UJetiro wathi kuMose: Hamba nokuthula.
19
UJehova wathi kuMose kwaMidiyani : Hamba ubuyele eGibithe , ngokuba sebafa abantu bonke abafuna ukukubulala.
20
UMose wayesethatha umkakhe namadodana akhe , wabakhwelisa embongolweni, wabuyela ezweni laseGibithe ; uMose waphatha induku kaNkulunkulu ngesandla sakhe.
21
UJehova wathi kuMose: Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeke esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yakhe ; akayikubayeka abantu ukuba bahambe.
22
Uyakuthi kuFaro: Usho kanje uJehova , uthi: U-Israyeli uyindodana yami , uyizibulo lami.
23
Ngiyakutshela: Yiyeke indodana yami ukuba ihambe ingikhonze , kepha awuyiyekanga; bheka, sengiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho.
24
Kwathi endleleni endlini yezihambi uJehova wahlangana naye , wafuna ukumbulala.
25
USipora wayesethatha insengetsha, wanquma ijwabu lendodana yakhe , waliphonsa ngasezinyaweni zakhe, wathi: Impela ungumyeni wegazi kimi.
26
Wamdedela-ke. Khona wathi: Ngumyeni wegazi ngenxa yokusoka.
27
UJehova wayesethi ku -Aroni: Hamba umhlangabeze uMose eh lane. Wahamba, wahlangana naye entabeni kaNkulunkulu, wamanga.
28
UMose wamtshela u -Aroni onke amazwi kaJehova amthume nawo , nezibonakaliso zonke amyale ngazo.
29
OMose no-Aroni baya, babutha onke amalunga abantwana bakwa-Israyeli;
30
u-Aroni wakhuluma onke a mazwi uJehova awakhulume kuMose , wazenza izibonakaliso emehlweni abantu.
31
Abantu bakholwa -ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo , base bekhothama , bakhuleka.