Skip to Content

UNumeri Chapter 11

1 Kwathi abantu bakhonona , kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe ; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu. 2 Abantu base bekhala kuMose; uMose wakhuleka kuJehova, umlilo wabohla. 3 Igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi iThabe hera, ngokuba umlilo kaJehova washa phakathi kwabo. 4 Ingxubevange eyayiphakathi kwabo yaqala ukufisa nokufisa ; nabantwana bakwa-Israyeli babuye bakhala , bathi: Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na? 5 Siyakhumbula izinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle , namakukamba, namakhabe, namaliki, nohanyanisi, nesweli; 6 kepha manje umphefumulo wethu usuwomile ; akukho lutho impela ; ngaphandle kwaleli mana akukho lutho emehlweni ethu. 7 Imana lafana nembewu yekoriyanderi , nokubonakala kwalo kwakunjengokubonakala kwenhlaka yebedola. 8 Abantwana baphuma ukuliqoqa , baligaya ematsheni , noma beligqula ezigqulweni, balipheka emakhanzini , benza ngalo amaqebelengwane ; ukuzwakala kwalo kwakunjengokuzwakala kweqebelengwane lamafutha. 9 Nxa amazolo elala phezu kwekamu ebusuku, imana lawela phezu kwawo. 10 UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo , kwaba yilowo nalowo muntu ngasemnyango wetende lakhe ; intukuthelo kaJehova yavutha kakhulu; kwakukubi emehlweni kaMose. 11 UMose wathi kuJehova : Uyiphatheleni kabi inceku yakho na ? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke laba bantu phezu kwami na? 12 Ngakhulelwa bonke laba bantu yini , ngabazala, ukuze uthi kimi : Bagone ngasesifubeni sakho njengomondli egona umntwana oncelayo , ubayise ezweni owalifungela oyise, na? 13 Ngingathathaphi inyama ukubanika bonke laba bantu na? Ngokuba bakhala kimi, bathi: Siphe inyama ukuba sidle. 14 Anginakuthwala bonke laba bantu ngedwa, ngokuba kuyangisinda. 15 Uma ungiphatha kanje , ake ungibulale nokungibulala , uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami. Amalunga angamashumi ayisikhombisa 16 UJehova wakhuluma kuMose , wathi: Ngibuthele amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga abantu nezinduna zabo, uwalethe etendeni lokuhlangana ukuba eme khona nawe. 17 Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona , ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo ; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe , ukuze ungawuthwali wedwa. 18 Yisho kubantu ukuthi : Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi : Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle , ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe , ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle. 19 Aniyikuyidla usuku lube lunye , noma izinsuku zibe zimbili , noma izinsuku zibe yisihlanu, noma izinsuku zibe yishumi, noma izinsuku zibe ngamashumi amabili, 20 kepha inyanga epheleleyo , ize iphume ngamakhala enu , inengeke kini , ngokuba nimlahlile uJehova ophakathi kwenu , nakhala phambi kwakhe ngokuthi: Saphumelani eGibithe na? 21 Wayesethi uMose : Abantu engiphakathi kwabo bayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha abayimigundatshani; wena-ke uthi : Ngiyakubanika inyama ukuba badle inyanga epheleleyo. 22 Bayakuhlatshelwa izimvu nezinkomo ukuba zibanele na ? Noma bayakubuthelwa yini izinhlanzi zonke zolwandle ukuba zibanele na? 23 UJehova wathi kuMose : Isandla sikaJehova sifinyele na ? Usuyakubona uma izwi lami liyakwenzeka kuwe noma qha. 24 UMose waphuma, wabatshela abantu amazwi kaJehova; wabutha amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga ab antu, wawamisa ngasetendeni nxazonke. 25 UJehova wehla ngefu , wakhuluma kuye , wathabatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angamashumi ayisikhombisa ; kwathi umoya esahlezi kuwo, aprofetha, kepha awaze akuphinda. 26 Kodwa kwasala amadoda amabili ekamu , igama lenye lalingu -Elidadi, igama leyesibili linguMedadi; umoya wayehlala phezu kwawo ; ayephakathi kwalawo alotshiweyo, kepha awayanga etendeni; aprofetha ekamu. 27 Kwagijima insizwa , yabika kuMose , yathi: O-Elidadi noMedadi bayaprofetha ekamu. 28 UJoshuwa indodana kaNuni , inceku kaMose , owabakhethiweyo bakhe , waphendula wathi: Nkosi yami, Mose, benqabele. 29 UMose wathi kubo : Unomhawu ngenxa yami na ? Sengathi bonke abantu bakaJehova bangaba ngabaprofethi , uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo. 30 UMose wangena ekamu, yena namalunga akwa-Israyeli. Izigwaca 31 Kwavuka umoya ovela kuJehova , waletha izigwaca zivela ngaselwandle , waziwisa ngasekamu kungathi ibanga losuku ngalapha nebanga losuku ngalapha kwekamu nxazonke , nokuphakama phezu komhlaba kungathi izingalo ezimbili. 32 Abantu bavuka lonke lolo suku , nobusuku bonke , nalo lonke usuku olulandelayo, babutha izigwaca ; owabutha okuncane wabutha amahomere ayishumi; bazenekela ngasekamu nxazonke. 33 Inyama isekhona phakathi kwamazinyo abo , ingakahlafunwa, ulaka lukaJehova lwavuthela abantu , uJehova wabashaya abantu ngokufa okukhulu kakhulu. 34 Igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi iKibiroti Hathawa , ngokuba bambela abantu abafisayo. 35 Abantu basuka eKibiroti Hathawa, baya eHaseroti; bahlala eHaseroti.