Skip to Content

"abafazi"

25 occurrences in ZUL

ULameka wazithathela abafazi ababili ; igama lomunye lalingu -Ada, igama lomunye lalinguSila.

ULameka wathi kubo abafazi bakhe : Ada noSila , yizwani izwi lami ; nina bafazi bakaLameka , lalelani ukusho kwami : Bhekani, ngibulala umunt u ngenxeba engilitholayo, nensizwa ngomvimbo engiwuzwiswayo.

amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle , azithathela abafazi kuwo awathandayo.

O-Abrama noNahori bazithathela abafazi ; igama lomka -Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka , indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noyise kaJiska.

Uma uyakuhlupha amadodakazi ami , noma uthatha abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.

U-Esawu wazithathela abafazi kuw o amadodakazi aseKhanani : u-Ada indodakazi ka -Eloni umHeti , no-Oholibama indodakazi ka -Ana, indodakazi kaSibeyoni umHivi,

Akayikuzandisela abafazi , ukuze inhliziyo yakhe ihlubuke , angazandiseli isiliva negolide.

Abantwana bakwaBenjamini benze njalo , bazithathela abafazi njeng enani labo kwabasinayo , ababaqhwagayo; bahamba, babuyela efeni labo , bakha imizi, bahlala kuyo.

Azithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi ; igama lomunye lalingu - Orpa, igama lomunye lalinguRuthe ; bahlala khona kwangathi iminyaka eyishumi.

Usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakukuvusela okubi okuvela endlini yakho, ngithathe abafazi bakho phambi kwamehlo akho , ngibanike umakhelwane wakho, alale nabafazi bakho ekukhanyeni kwaleli langa.

UMakiri wathathela oHuphimi noShuphimi abafazi ; igama likadadewabo lalinguMahakha. Igama lowesibili lalinguSelofehadi ; uSelofehadi wayenamadodakazi.

UDavide wathatha abanye abafazi eJerusalema , uDavide wazala amanye amadodana namadodakazi.

Base bewuqinisa -ke umbuso wakwaJuda , benza uRehobowamu indodana kaSolomoni waba namandla iminyaka emithathu , ngokuba bahamba iminyaka emithathu endleleni kaDavide noSolomoni. Abafazi nabantwana bakaRehobowamu

URehobowamu wamthanda uMahakha indodakazi ka-Abisalomu phezu kwabo bonke abafazi bakhe nezancinza zakhe , ngokuba wathatha abafazi abayishumi nesishiyagalombili nez ancinza ezingamashumi ayisithupha , wazala amadodana angamashumi amabili nesishiyagalombili namadodakazi angamashumi ayisithupha.

Wenza ngokuhlakanipha, wahlakaza onke amadodana akhe emazweni onke akwaJuda noBenjamini , emizini yonke ebiyelweyo, wawanika ukudla okuningi, wawafunela abafazi abaningi.

Kepha u -Abiya waba namandla , wazithathela abafazi abayishumi nane , wazala amadodana angamashumi amabili nambili namadodakazi ayishumi nesithupha.

UJehoyada wamthathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi.

Banika izandla zabo zokuthi bayakulahla abafazi babo ; lokhu benecala , banikela ngenqama yomhlambi ngecala labo.

Lapho isimemezelo senkosi eyakusenza sesiyakuzwakala embusweni wayo wonke, ngokuba mkhulu bonke abafazi bayakuwahlonipha amadoda abo , amakhulu namancane.

Baningi abafazi abakhutheleyo, kepha wena ubadlula bonke.

Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye , namasimu abo kwabayakuwadla, ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhul u bayaphanga impango bonke , nabaprofethi nabapristi bonk e baqamba amanga.

Ngalokho nikela abantwana babo endlaleni , ubakhaphele osikweni lwenkemba, abafazi babo baphucwe abantwana , babe ngaba felokazi, amadoda abo abulawe ngukufa, izinsizwa zabo zishaywe ngenkemba empini.

thathani abafazi , nizale amadodana namadodakazi ; thathelani amadodana enu abafazi , nendise amadodakazi enu emadodeni ukuba azale amadodana namadodakazi, nande khona, ninganciphi.

Bayakukhiphela amaKaledi bonke abafazi bakho nabantwana bakho ; awuyikuphunyuka esandleni sabo , kepha uyakubanjwa ngesandla senkosi yaseBabele, wenze ukuba lo muzi ushiswe ngomlilo.

Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi,