UGenesise Chapter 36
1
Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu ongu-Edomi.
2
U-Esawu wazithathela abafazi kuw o amadodakazi aseKhanani : u-Ada indodakazi ka -Eloni umHeti , no-Oholibama indodakazi ka -Ana, indodakazi kaSibeyoni umHivi,
3
noBasemati indodakazi ka-Ishmayeli, udadewabo kaNebayoti.
4
U-Ada wamzalela u-Esawu u-Elifazi; uBasemati wazala uRehuweli;
5
u-Oholibama wazala oJewushe, noJalamu, noKora; lawo angamadodana ka- Esawu azalelwa wona ezweni laseKhanani.
6
U-Esawu wathatha omkakhe , namadodana akhe , namadodakazi akhe , nabantu bonke bendlu yakhe , nemfuyo yakhe, nezinkomo zakhe, nempahla yonke yakhe owayeyizuze ez weni laseKhanani , waya ezweni elikude nomfowabo uJakobe.
7
Ngokuba imfuyo yabo yayiyinkulu kunokuba bahlale ndawonye , nezwe lokugogobala kwabo lalingenakubathwala ngenxa yemfuyo yabo.
8
U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.
9
Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu uyise wabakwa-Edomi entabeni yaseSeyiri.
10
Nanka amagama amadodana ka-Esawu: Ngu-Elifazi indodana ka-Ada umka- Esawu, noRehuweli indodana kaBasemati umka-Esawu.
11
Amadodana ka -Elifazi ayengoThemani , no-Omari, noSefo, noGathamu, noKenazi.
12
UThimna wayeyisancinza sika -Elifazi indodana ka -Esawu; wamzalela u - Elifazi u-Amaleki; yilawo angamadodana ka-Ada umka-Esawu.
13
Lawa angamadodana kaRehuweli : ngoNahati, noZera, noShama, noMiza; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu.
14
Lawa angamadoda na ka -Oholibama indodakazi ka -Ana, indodakazi kaSibeyoni, umka-Esawu: wamzalela u-Esawu oJewushe, noJalamu, noKora.
15
Laba bangabanumzane bamadodana ka -Elifazi izibulo lika -Esawu: Ngumnumzane uThemani , nomnumzane u -Omari, nomnumzane uSefo , nomnumzane uKenazi,
16
nomnumzane uKora , nomnumzane uGathamu , nomnumzane u -Amaleki; yilabo abangabanumzane abavela ku -Elifazi ezweni lakwa -Edomi; yilawo angamadodana ka-Ada.
17
Lawa angamadodana kaRehuweli indodana ka -Esawu: ngumnumzane uNahati, nomnumzane uZera , nomnumzane uShama , nomnumzane uMiza ; yilabo abangabanumzane abavela kuRehuweli ezweni lakwa -Edomi; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu.
18
Lawa angamadodana ka-Oholibama umka-Esawu: ngumnumzane uJewushe, nomnumzane uJalamu , nomnumzane uKora ; yilabo abangabanum zane abavela ku-Oholibama indodakazi ka-Ana umka-Esawu.
19
Yilawo angamadodana ka-Esawu; labo bangabanumzane bawo; yena ungu- Edomi. Inzalo kaSeyiri
20
Lawa angamadodana kaSeyiri umHori ayakhe kulelo zwe : ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana,
21
noDishoni, no-Eseri, noDishani; labo bangabanumzane abavela kuwo amaHori, abantwana bakaSeyiri ezweni lakwa-Edomi.
22
Amadodana kaLothani ayengoHori noHemamu ; udadewabo kaLothani wayenguThimna.
23
Lawa angamadodana kaShobali : ngo-Alevani, noManahati, no-Ebali, noShefo, no-Onamu.
24
Lawa angamadodana kaSibeyoni: ngo-Aya, no-Ana; nguyena lowo Ana owafumana imithombo eshisayo ehlane , ezalusa izimbongolo zikaSibeyoni uyise.
25
Laba bangabantwana baka -Ana: ngoDishoni no-Oholibama indodakazi ka - Ana.
26
Lawa angamadodana kaDis honi: ngoHemdani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani.
27
Lawa angamadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, no-Akani.
28
Lawa angamadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.
29
Laba bangabanumzane abavela kuwo amaHori : ngumnumzane uLothani , nomnumzane uShobali, nomnumzane uSibeyoni, nomnumzane u-Ana,
30
nomnumzane uDishoni , nomnumzane u -Eseri, nomnumzane uDishani ; yilabo abangabanumzane abavela kuwo amaHori , abanumzane ngabanumzane ezweni laseSeyiri.
31
Lawa angamakhosi ayebusa ezweni lakwa -Edomi, kungakabusi nkosi kwabakwa-Israyeli.
32
UBela indodana kaBeyori wabusa kwabakwa -Edomi; igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.
33
Wafa uBela ; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.
34
Wafa uJobabi ; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.
35
Wafa uHushamu; uHadadi indodana kaBedadi owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi waba yinkosi esikhundleni sakhe ; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti.
36
Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe.
37
Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngasemfuleni waba yinkosi esikhundleni sakhe.
38
Wafa uShawule ; uBali Hanani indodana ka -Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe.
39
Wafa uBali Hanani indodana ka -Akibori; uHadari waba yinkosi esikhundleni sakhe ; igama lomuzi wakhe laliyiPhawu ; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.
40
Lawa angamagama abanumzane abavela ku -Esawu ngemindeni yabo , nangezindawo zabo , nangamagama abo : ngumnumzane uThimna , nomnumzane u-Aliva, nomnumzane uJeteti,
41
nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni,
42
nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari,
43
nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu; yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi ngokwakha kwabo ezweni elaliyifa labo ; nguyena u -Esawu uyise wabakwa-Edomi.