UJeremiya Chapter 8
1
Ngaleso sikhathi , usho uJehova , bayakuwakhipha amathambo amakhosi akwaJuda, namathambo ezikhulu zakhe, namathambo abapristi namathambo abaprofethi, namathambo abakhileyo eJerusalema emathuneni abo,
2
baweneke elang eni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini , abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho ; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.
3
Ukufa kuyakukhethwa kunokuphila yinsali yonke esele kulowo mndeni omubi, esele ezindaweni zonke , lapho ngiyixoshele khona , usho uJehova Sebawoti. Izono nokwahlulela
4
Futhi uyakusho kubo , uthi: Usho kanje uJehova , uthi: Abantu bayakuwa, bangabuyi basukume, na? Umuntu uyaphambuka, angabuyi aphenduke, na?
5
Bahlehlelani laba bantu baseJerusalem a ngokuhlehla njalonjalo na ? Babambelela enkohlisweni, bala ukubuya.
6
Ngaqaphela, ngezwa; abakhulumanga kahle; akakho ozisola ngobubi bakhe, ethi: Ngenzeni na? Bonke baphendukela emisebenzini yab o njengamahhashi aphulukundlela empini.
7
Nonogolantethe emkhathin i uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo , ihobhe, nenkonjane, nonohemu bagcina isikhathi sokufika kwabo, kepha abantu bami abazazi izahlulelo zikaJehova.
8
Ningasho kanjani , nithi: Sihlakaniphile, umthetho kaJehova unathi , na? Impela bheka, uthi lokuloba lwamanga lwababhali lusebenzile okwamanga.
9
Abahlakaniphileyo bayakujabha, besabe, babhajwe; bheka, balilahlile izwi likaJehova, banokuhlakanipha kuni na?
10
Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye , namasimu abo kwabayakuwadla, ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhul u bayaphanga impango bonke , nabaprofethi nabapristi bonk e baqamba amanga.
11
Bapholisa kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami , bathi: Ngukuthula, ngukuthula; Kepha akukho ukuthula.
12
Bayakuba namahloni , ngokuba be nza izinengiso ; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo , ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.
13
Bengiyakubutha nokubutha, usho uJehova, kepha azikho izithelo zomvini emvinini, namakhiwane emkh iwaneni; namaqabunga abunile ; engibanikile khona kusukile kubo.
14
Sihlalelani na ? Buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sibhubhe khona , ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usibhubhisile , wasiphuzisa amanzi enyongo, ngokuba sonile kuJehova.
15
Silindela uk uthula, kepha okuhle akukho , nesikhathi sokuphulukiswa , kepha bheka, luvalo.
16
Ukuthimula kwamahhashi akhe kuyezwakala kwaDani ; ngezwi lokuyiyiza kwanamandla akhe izwe lonke liyathuthumela, ngokuba afikile, alidlile izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhe kuwo.
17
Ngokuba ngiyathuma kini izinyok a nawomantshingeyana abangenakulunjwa, bayakuniluma, usho uJehova.
18
Alunakududuzeka kimi usizi oluphezu kwami, inhliziyo yami idangele.
19
Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bam i livela ezweni elikude , lithi: Akakho uJehova eSiyoni na ? Ayikho inkosi yalo kulo na ? Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyo nangokuyize kwabezizwe na?
20
Ukuvuna kudlulile, ihlobo liphelile, kepha thina asisindiswanga.
21
Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele ; ngidabukile, ukumangala kungibambile.
22
Ibhalisamu alikho kwaGileyadi na ? Inyanga ayikho lapho na ? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?