Skip to Content

"ubuhle"

22 occurrences in ZUL

Wathi: Ngiyakudlulisa phambi kwakho ubuhle bami , ngilimemezele igama likaJehova phambi kwakho, ngibe nomusa kuyena engithanda ukuba nomusa kuye, ngibe nesihe kuyena engithanda ukuba nesihe kuye.

Imixhantela yakhe iyakuxhantela , ubuhle bakhe bube njengomnqumo , iphunga lakhe libe njengeLebanoni.

ukuba zimlethe uVashiti inkosikazi phambi kwenkosi , abe nomqhele wobukhosi ukuba abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe , ngokuba wayebukeka kahle.

Kunye engikucele kuJehova , ngiyakufuna khona : ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwam i ukubona ubuhle bukaJehova , ngibuke ithempeli lakhe.

Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko, ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu; yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela

Umuhle wena kunabantwana babantu ; ubuhle buthululelwe ezindebeni zakho; ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.

yikhona inkosi izakubuthanda ubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, woyikhothamela.

Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize , kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.

Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu , umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu ; yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.

Ungakhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe.

Izwi liyakhuluma lithi : Memeza! Ngathi: Ngiyakumemezani na ? Inyama yonke ingutshani, bonke ubuhle bayo bunjengembali yasendle.

Yeka ukwembesa kweNkosi indodakazi yaseSiyon i amafu ngentukuthelo yayo. Uphonsile ubuhle buka -Israyeli emhlabeni busuke ezulwini , angasikhumbulanga isenabelo sezinyawo zayo ngosuku lwentukuthelo yayo.

Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe , bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi: Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthi ubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?

Ezingosini zonke zezitaladi wakha izindawo zakho eziphakemeyo , wenza ubuhle bakho baba yisinengiso , wenekela bonke abadlulayo imilenze yakho, wandisa ubufebe bakho.

Imikhawulo yakho isenhliziyweni yolwandle ; abakhi bakho baphelelisile ubuhle bakho.

AbasePheresiya noLude noPhuthi babe sempini yakho , amadoda empi yakho; baphanyeka izihlangu nezigqoko kuwe; baveza ubuhle bakho.

Abantu base-Arvadi kanye nempi yakho babe sezingangeni zakho nxazonke, nabaseGamadi babe semibhoshongweni yakho ; baphanyeka i zihlangu zabo ezingangeni zakho nxazonke; baphelelisa ubuhle bakho.

ngalokho bheka , ngiyakukwehlisela abafokazi , abesabekayo bezizwe ; bayakuhoshela ubuhle bokuhlakanipha kwakh o izinkemba zabo , bangcolise ukukhazimula kwakho.

Ngashiywa ngedwa ; ngawubona lombono omkhulu, akusalanga mandla kimi, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla.

Yeka ubuhle balo ! Yeka ukubukeka kwalo ! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.

Izwi lokukhala kwabelusi ! ngokuba udumo lwabo luyachithwa ; izwi lokubhonga kwamabhongo ezingonyama ! ngokuba ubuhle beJordani buyaqothulwa. Abelusi bakwa-Israyeli

ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni , nasebuhleni ukwazi,