Skip to Content

"ijoka"

32 occurrences in ZUL

Ngabathukuthelela abantu bami , ngalingcolisa ifa lami , ngalinikela esandleni sakho ; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.

Uyakuphila ngenkemba yakho , umkhonze umfowenu ; kuyakuthi lapho udlubulunda, uhluzule ijoka lakhe entanyeni yakho.

Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayalile ngaso ukuthi : Yisho kubantwana bakwa -Israyeli ukuba balethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, singenansolo, okungazange kubekwe ijoka phezu kwaso,

uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba , nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.

Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni ; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka ph ezu kwethu, siyakukukhonza.

Wathi kuzo : Nina ningeluleka ukuba sibuyisele mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi : Yenza ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu libe lula, na?

Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe , zithi: Uyakusho kanje kulaba bantu abakhulume kuwe ngokuthi : U yihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe lula kithina, uyakukhuluma kanje kubo, uthi: Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.

Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo , mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.

yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi : Ubaba walenza ijoka lenu lasinda , mina ngiyakwenezela ejokeni lenu ; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.

Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni ; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka phezu kwethu, siyakukukhonza.

Wathi kuzo : Nina niluleka ukuba sibuyis e mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi : Yenza ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu libe lula, na?

Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe , zithi: Uyakusho kanje kubantu abakhulume kuwe ngokuthi : U yihlo walenza ijoka lethu lasinda , kepha wena ulenze libe lula kithina , uyakusho kubo kanje ukuthi: Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.

Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo , mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.

Ngokuba ijoka lomthwalo wabo , nenduku yama hlombe abo , noswazi lomhluphi wabo uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.

ukuthi ngiyakumaphula owase -Asiriya ezweni lami , ngimnyathele phansi ezintabeni zami ; bese lisuka kubo ijoka lakhe , nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.

Khona wena uyakubiza , kusabele uJehova ; uyakukhala, abesethi: Bheka, ngilapha. Uma ususa phakathi kwakho ijoka , nokukhomba ngomunwe , nokukhuluma okubi,

Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo , wazigqabula izibopho zakho , wathi: Angiyikukhonza. Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemey o naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.

Sengiyakuya kwabakhulu , ngikhulume nabo , ngokuba bona bayayazi indlela kaJehov a nokwahlulela kukaNkulunkulu wabo ; Kepha bona babelaphulile ijoka kanyekanye, bazigqabulile izibopho.

Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngilaphulile ijoka lenkosi yaseBabele.

ngibuyisele kule ndawo futhi uJekoniya indodana kaJehoyakimi , inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBabele , usho uJehova, ngokuba ngiyakulaphula ijoka lenkosi yaseBabele.

Umprofethi uHananiya wayeselisusa ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, walaphula.

UHananiya wayesesho phambi kwabo bonke abantu , wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Kanjalo ngiyakulaphula ijoka likaNebukadinesari , inkosi yaseBabele ingakapheli iminyaka emibili entanyeni yezizwe zonke . Kepha umprofethi uJeremiya wahamba indlela yakhe.

Lase lifika izwi likaJehova kuJeremi ya, uHananiya umprofethi eselaphulile ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, lithi:

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele ; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.

Kuyakuthi ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti, ngilaphule ijoka entanyeni yabo, ngigqabule izibopho zabo, abafokazi bangabe besabakhonzisa,

Ngimzwile nokumuzwa u -Efrayimi ezidabukela , ethi: U ngishayile, ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka ; ngibuyise ukuba ngibuye , ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.

Kuhle kumuntu ukuba athwale ijoka ebusheni bakhe.

Ngabadonsa ngezintambo zomuntu , ngamagoda othando ; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngagobela kubo, ngabanika ukudla.

Sengiyakulaphula ijoka eliphezu kwakho, ngigqabule izibopho zakho.

Bekani ijoka lami phezu kwenu , nifunde kimi , ngokuba ngimnene , ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.

Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.

Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na?