UHoseya Chapter 11
1
Lapho u -Israyeli esengumntwana ngamthanda , ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.
2
Lapho bebabiza, kwaba yilokhu besuka kubo ; babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.
3
Nokho mina ngamcathulisa u -Efrayimi; ngabaphatha ngezingalo zami , kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa.
4
Ngabadonsa ngezintambo zomuntu , ngamagoda othando ; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngagobela kubo, ngabanika ukudla.
5
Abayikubuyela ezweni laseGibithe , owase-Asiriya abe yinkosi yabo , ngokuba benqaba ukubuya, na?
6
Inkemba iyakutheleka emizini yab o, iqede imigoqo yayo , ibadle ngenxa yeziluleko zabo.
7
Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi ; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo.
8
Ngingakunikela kanjani , Efrayimi, ngikukhaphele, Israyeli, na? Ngingakwenza kanjani ube njenge -Adima, ngikubeke ufane neSeboyimi , na? Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami, sonke isihawu sami sivusiwe.
9
Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami , ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu , angisiye umuntu ; ngingoNgcwele phakathi kwenu, angiyikufika ngolaka.
10
Bayakulandela uJehova oyakubhonga njengengonyama , ngokuba uyakubhonga, abantwana bakhe bavele entshonalanga ngokuthuthumela.
11
Bayakuvela ngokuthuthumela eGibithe njengezinyoni, nanjengejuba ezweni lase-Asiriya, ngibahlalise ezindlini zabo, usho uJehova.
12
U-Efrayimi ungizungezile ngamanga , nendlu yakwa -Israyeli ngenkohliso ; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.